Izindaba

Uluchithe enkantolo usuku lokuzalwa uMagudumana

Sihle Mlambo|Published

U-DKT Nandipha Magudumana Isithombe: TIMOTHY BERNARD AFRICAN NEWS AGENCY (ANA)

U-DKT Nandipha Magudumana uluchithe eNkantolo yeMantshi yaseBloemfontein usuku lwakhe lokuzalwa izolo, abameli bakhe belwela ukuthi inkantolo imkhiphe ngebheyili.

UMagudumana osolwa ngecala lokulekelela isoka lakhe eliyisiboshwa esigwetshiwe uThabo Bester ukuthi leqe ejele, ubevele kule nkantolo ukuzoqhubeka nesicelo sakhe sebheyili.

Ubeqeda iminyaka engu-35 azalwa izolo. Kubonakale amalungu omndeni wakhe okubalwa noyise, naye obhekene necala elifanayo bebekhona enkantolo ukuzomeseka.

Ngomlomo wabameli bakhe, utshele inkantolo ukuthi angakwazi ukukhokha ibheyili kaR10 000 uma inkantolo ingasamukela isicelo sakhe sebheyili.

UMbuso udwebe isithombe sokuthi uDkt Magudumana ongowesifazane ongungqondongqondo ekwakhiweni kwetulo lokuthi uBester eqe ejele.

Uqhube uMbuso wathi uDkt Magudumana oseqhakambisa ukuthi ungunina wezingane ezimbili ezithembele kuyena, wakulibala lokho ngesikhathi ezishiya, eqa noBester bebheke eTanzania, lapho bagaselwa khona ngamaphoyisa akuleli ababopha, abuya nabo ukuzobhekana namacala.

Ummeli wakhe, u-Advocate Machini Motloung elwela ukudedelwa kwakhe ngebheyili, uthe empeleni akazange afulathele izwe ngokuthanda kwakhe kodwa wafakwa emotweni ngenkani, wathunjwa wayiswa eTanzania.

Wathi uma enganikwa ibheyili angayohlala nomngani wakhe uDkt Michelle Chibaya.

Ubeke iphuzu lokuthi uMbuso uhluleke wancama ukuthi ubeke isizathu sokuthi uDkt Magudumana angeqa kuleli uma enganikwa ibheyili.

Uthe lokhu ukusho ngoba izincwadi zakhe zokuhambela amanye amazwe zithathwe yiwo uMbuso.

Ubonakale ethola ukwesekwa ngamalungu omndeni wakhe uDkt Magudumana obekukhona kuwo uyise, uZolile Sekeleni, ongomunye wabasolwa kuleli cala kodwa ongaphandle ngebheyili.

Bekukhona nodewabo kanjalo nabafowabo enkantolo ukuzomeseka.

Uqale ukufaka isicelo sakhe sebheyili ngeledlule emva kokuboshwa kwakhe eTanzania ngo-Ephreli nonyaka. Ngaleso sikhathi wabanjwa khona nalo isoka lakhe uBester oweqa ejele ngoMeyi nyakenye, edonsa isigwebo ngamacala okubulala nokudlwengula.

Ukulalelwa kwesicelo sebheyili kuyaqhubeka.