Izindaba

UKabelo usenewu-21 ayeka utshwala

Bongiwe Zuma|Published

ISILOMO somculo wekwaito nesesiwumfundisi uKabelo Mabalane Isithombe: SIGCINIWE

NGESIKHATHI abantu abaningi beyingxenye yemikhankaso yokulwa nezidakamizwa nophuzo oludakayo kodwa iningi labo likuthola kunzima ukuphuma.

Isilomo somculo wekwaito nesesiwumfundisi uKabelo Mabalane owaduma kwiTKZee uhlanganisa iminyaka ewu-21 engalufaki uphuzo oludakayo.

UKabelo kuzokhumbuleka ukuthi wamangaza abaningi eminyakeni eyedlule ephumela ngokuyeka okudakayo.

Iningi lalinakho ukushaya amakhala nokusola ukuthi uzowa kodwa minyaka yonke uvela ngokuhle.

Lo luhambo uKabelo uveza ukuthi bengeke aluhambe ngokwakhe kodwa kubengumusa kaNkulunkulu.

"UNkulunkulu akenzelele kwabathile kuphela, akwenza komunye angakwenza nakwabanye," kusho uKabelo.

Eqhuba uthe okubalulekile ukuthi abantu basondelane noNkulunkulu bazethule kuye izingqinamba ababhekene nazo empilweni.

"Ngesikhathi sicabanga ukuthi siphelelwe, yilapho sibakhona namandla," kukhuthaza uKabelo.

Abantu bazithakasele lezi zindaba nasebeqale uhambo olufanayo bafisa ukufinyelela kule minyaka esibalwa uKabelo.

" Bengikudinga lokhu, ngoSepthemba 4 ngihlanganisa izinsuku eziwu-30. Akulula neze kodwa ngiphokophele phambili futhi ngomusa kaNkulunkulu nami ngiyaya kuleminyaka ewu-21.Ngiyakubongela," kusho uNkqoza.

"UNkulunkulu emuhle ngiyakuhalalisela. Ngikulona lo luhambo akukho lula, ngiyathandaza kakhulu," kusho uKamegole Moroeng.

UKabelo ngaphandle komculo uphinde ethule izintshumayelo ezakhayo, akagcini lapho uyabonakala nasezinhlelweni ezakhayo ezahlukene kuleli.