Izindaba

Umunyu kubhubha umama nezingane edamini iHartbeespoort

Nonkululeko Nhlapo|Published

Umunyu kubhubha umama nezingane edamini iHartbeespoort isithombe: Karen Sandison/African News Agency(ANA)

AMAPHOYISA nethimba labatshuzi elingaphansi lweNSRI Hartbeespoort Dam basaqhubeka nomkhankaso wokuthungatha isidumbu somfana ominze edamini iHartbeespoort ehamba nodadewabo nonina.

Ngokombiko ovela emaphoyiseni, sekuphele amasonto amabili kuthungathwa umfana kwazise izidumbu sikanina uNoster Sibanda (29) nodadewabo oneminyaka emihlanu ubudala, uLazell Nyambuya zatholakala zintanta khona edamini ngomhla ka-16 kwephezulu.

Amaphoyisa athi ngesikhathi kutholakala izidumbu, indodakazi yayisemhlane kunina kodwa lungekho ulwazi ngokuthi bangobani futhi bavelaphi.

Kuthe ngemuva kwezinsuku ezimbalwa zitholakele, kwasondela emaphoyiseni owesilisa ogamalakhe ngu-Oswell Nyambuya ethungatha umndeni wakhe athi wawugcina ekupheleni kwenyanga uJulayi.

Lo mlisa wabikela amaphoyisa ngokulahlekelwa ngunkosikazi, yindodakazi kanjalo nendodana eneminyaka eyishumi.

“NgangiseZimbabwe ngingakwazi ukuxhumana nomkami, ngaze ngathola indlela yokuxhumana nomastende wakhe owangitshela ukuthi akakaze abuye emqashweni.

Ngaqala ukudideka sengixhumana nomqashi wakhe, ekhala ngokuthi akasalubhadi emsebenzi kanti nezingane nazo azisaziwa esikoleni, kusho uNyambuya.

Lo baba uthi wabuya ngokushesha kuleli, wabikela amaphoyisa seMmakau ngokulahleka komndeni wakhe. Uthi waze wathola ulwazi ngezinkundla zokuxhumana ukuthi kunezidumbu ezimbili ezitholakale edamini.

Nebala waqinisekisa ukuthi ngumkakhe nendodakazi yabo abatholakele kodwa indodana egama layo nguLarry namanje ayikatholakali.

Lo baba uthi kunzima ukubhekana nalesi simo njengoba kulindeleke ukuba abuyele kwelakubo eyongcwaba umama wekhaya nendodakazi kodwa indodana kayikatholakali.

Amaphoyisa nabatshuzi abasebenza ngaphansi kwesiteshi saseHartbeespoort Dam basaqhubeka nomsebenzi wokuthungatha lo mfana futhi banxusa umphakathi owakhelene nedamu ukuba ulekelele ngolwazi olungaba wusizo.

Uma kukhona onolwazi angaxhumana noKaputeni Dlamini eHartbeespoort ku-082 416 2715.