Izindaba

Omunye umlilo udlule nemiphefumulo eGoli

Nonkululeko Nhlapo|Published

OMUNYE umlilo odlule nemiphefumulo eGoli

KUFE izingane ezimbili kwalimala nonina bazo ngesikhathi kusha imijondolo eFleurhof, eGoli, ngokusa kwanamuhla.

URobert Mulaudzi okhulumela abezimo esiphuthumayo eGoli, uthi kuyacaca ukuthi sisesikhulu isidingo nesikhala sokwandisa izinhlelo zokufundisa abantu, ikakhulukazi abahlala emijondolo, ngokugwema imililo egcina isidlula nemiphefumulo.

UMulaudzi usho lokhu ngesikhathi ethula umbiko ngesigameko sakamuva esithathe imiphefumulo yezingane ezimbili ezineminyaka emibili nenemihlanu ubudala, kwacekeleka phansi imijondolo engu-44.

“Abezimo eziphuthumayo babizwe endaweni yesigameko ngezithuba zehora lesibili ezintatha ngombiko wemijondolo eshayo. Umbiko wokuqala esiwuthole kule ndawo ubuthi kusolwa ikhandlela elivuthe linganakiwe njengembangela yomlilo,” kusho yena.

FUNDA NALOLU DABA: Kusolwa ingxabano yezithandani kusha imikhukhu eGoli

Kwenzeka lokhu-nje kubikwa ukuthi sinyukele ku-77 isibalo sabantu abashone kungqongqa ibhilidi eMarshalltown, eGoli.

Lokhu kulandela ukuvela kwezindaba ezithi umuntu ongoka-77 ushonile esibhedlela.

UMotalatale Modiba okhulumela uMnyango wezeMpilo eGauteng, uthi bangu-88 abantu abangeniswa esibhedlela ngemuva kokutakulwa ngabezimo eziphuthumayo kodwa manje abangu-31 abasele njengoba abanye sebededeliwe.

“Ngale kwesibalo sabantu abasesibhedlela, zingu-74 izidumbu ezisahlolwa emakhazeni. Kunemindeni engu-44 efike emakhazeni aseDiepkloof iyobheka izihlobo, kwaqinisekiswa izidumbu ezingu-9,” kusho uModiba.

Uthi inkinga enkulu ababhekene nayo bewumnyango wukuthi abantu abaningi bashe bangqongqa okwenza kube nzima ukuhlola izidumbu.

Uthi kwabanye kuzosetshenziswa ulibofuzo lwamalungu emindeni ukuveza ubuhlobo nokuthi izidumbu zingezobani.