Izindaba

Bavukwe wumunyu kubhungwa ngodlame lobulili

Phindile Nqumako|Published

UNdunankulu waseKZN, uNkk Nomusa Dube-Ncube, neMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, nezinye izimenywa emcimbini,, i-Evolution of Women in Leadership e-ICC, eThekwini isithombe: PHINDILE NQUMAKO

KUVUKE umunyu kwezinye izethameli zomcimbi wabesifazane, i-Evolution of Women in Leadership, e-ICC, eThekwini, ngoLwesibili ngenkathi kubhungwa ngesihlava sokuhlukunyezwa nokubulawa kwabesifazane.

Kulo mcimbi, obuhlelwe yinhlangano engezi nzuzo iWear Your Brand, bekudidiyelwe izikhulumi zemikhakha ehlukene ukufundisa ngokugwema izimo zokuhlukunyezwa kanye nezindlela zokuthola usizo.

Omunye wabahambeli bomcimbi, ocele ukuba igama lakhe lingavezwa, uthe ukuba yingxenye yalo mcimbi kumvusele imizwa yakudala ngesikhathi ehlukunyezwa emshadweni wakhe okwamshiya engasakwazi ukuzwa endlebeni yakhe eyodwa futhi walimala namashubhu enzalo.

Uphinde wathi ufisa abantu besifazane bangahlali isikhathi eside lapho behlukunyezwa khona ngoba lokho kubulala ukuzethemba kwabo futhi akubona bonke abanenhlanhla yokuphuma bephila.

Omunye obekhona, uNkk Nompumelelo Dube, uthe ukuba kulo mcimbi kube ngenye yezindlela zakhe zokubhekana nezinkinga eziyinsalela zokuhlukunyezwa kwakudala. Uthe ufisa ukube naye wayenayo indawo yokubalekela khona ngesikhathi ehlukunyezwa owayengumnyeni wakhe ngaleso sikhathi ngoba wayegcina eselala emotweni uma bexabene.

“Ngijabule kakhulu uma ngizwa undunankulu ethi sekunezindawo ezakhelwe ukugcina abantu abahlukumezekile ngoba ngiyabazi ubunzima bokungazi ukuthi ubalekele kuphi," kusho uNkk Dube.

Ikhuluma kulo mcimbi iMeya kaMasipala weTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, ikhulume ngokuthi akuqalwe kubhekisiswe ukukhulelwa kwabafundi basemabangeni aphansi nokuthi kubhekwe njengokuhlukunyezwa ngokocansi ngoba lowo mfundi usuke eseyingane engakakwazi ukuthi avume ukuya ocansini.

"Singasinqoba lesi sihlava sokuhlukunyezwa ngokobulili uma sinemindeni eyakhiwe esisekelweni esilungile," kusho uKaunda.

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uthe kudingeka abantu besilisa bangazinyezi uma umuntu wesifazane esesikhundleni noma engumholi.

"Sidinga futhi abantu besifazane abakwaziyo ukwakha umnotho. Lokhu ukuqala ngendawo ebavumelayo ukuthi bakwazi ukuthola amathuba ngoba abantu besifazane benza izinto zenzeke futhi bajwayele ukuthuthukisa abanye," kusho uNkk Dube-Ncube.

Uphinde wathi kunezindawo ezizobhekwa ukuze abahlukumezekile bakwazi ukuthola usizo okubalwa eziteshini zamaphoyisa futhi kube khona indawo eseceleni yokuthi bakwazi ukulala kanye nezingane zabo isikhashana.

UFANELE Ntuli, ongumlingisi woZalo, ekhuluma emcimbini wabesifazane Isithombe: PHINDILE NQUMAKO