Izindaba

UMagashule wethule iqembu lezepolitiki elisha

Sabelo Nsele|Published

UMnuz Ace Magashule owethule inhlangano yezepolitiki entsha Isithombe: Sigciniwe

Owayengunobhala jikelele we-ANC, uMnuz Ace Magashule, wethule ngokusemthethweni iqembu elisha lezepolitiki, i-African Congress for Transformation (ACT).

Leli qembu ulethule esithangamini nabezindaba ebesiseSoweto ngoLwesithathu.

Besekunesikhathi eside kunokuqagela ngekusasa likaMagashule kusukela axoshwa kwi-ANC ngoJuni.

Uke wayamaniswa namanye amaqembu ezepolitiki okubalwa kuwo ne-EFF.

“Kuningi ukuqagela obekukhona, ngikhonjwa le nale. Namhlanje niyazibonela ukuthi angijoyini qembu lezepolitiki.”

UMagashule uthe inhlangano entsha bayisungule emva kokuthi ebe nezingxoxo nababengomengameli kwi-ANC, uMnuz Thabo Mbeki, Jacob Zuma nowayeyiphini likamengameli kule nhlangano, uMnuz Kgalema Motlanthe.

UMagashule uthe bafuna ukuthi iqembu elisha lezepolitiki libe yikhaya labo bonke abahlukunyezwa yi-ANC.

“Baningi abantu abahlukunyezwe yi-ANC. Leli yikhaya labo bonke abahlukunyezwe yiqembu elibusayo.”

UMagashule uveze ukuthi ubuholi be-ACT buzokhethwa engqungqutheleni ezokuba ngo-Okthoba.

“Thina singubuholi besikhashana. Ubuholi buzokhethwa engqungqutheleni ezokuba ngo-Okthoba. Sizophinde sethule nohlu lwezethembiso zokhetho.”