Izindaba

Luvuselela ugqozi lwebhizinisi olweDurban Business Fair

Phindile Nqumako|Published

ABASIKI bengqephu bathule izingubo zikanokusho ezizobe zikhangiswa kwiDurban Fashion Fair ezoba ngoSepthemba e-Exhibition Centre. Laba basiki bengqephu bebeyingxenye yomcimbi wokugubha iminyaka engu-25 uMkhandlu weTheku uthuthukisa amabhizinisi amancane eLa Lucia izolo Isithombe: PHINDILE NQUMAKO

BAVUSELELEKE uthando lwebhizinisi osomabhizinisi abathole uxhaso eMkhandlwini weTheku kusukela iDurban Business Fair yasungulwa emnyakeni engu-25 edlule.

USekela Sihlalo wezokuThuthukiswa koMnotho kuMasipala weTheku, uNkk Philisiwe Ndlovu, ekhuluma emcimbini obubanjelwe eLa Lucia, eThekwini, izolo uthe inhloso yalo mcimbi ukuveza amagalelo eDurban Business Fair (DBF) kusukela iqalwa.

Uphinde wathi umasipala ususebenzise imali engango-R370 million ekuthuthukiseni amabhizinisi asathuthuka ngaphansi kwalolu hlelo lweDBF.

“Ngaphezu kwalokho, kwakheke amabhizinisi amancane (SMME’s) angaphezu kuka-20 000. Abantu bangalindela uhlelo lwemibukiso oluzoqala ngoSepthemba eDurban Exhibition Centre,” kusho uNkk Ndlovu.

Omunye wabahlomule kulolu hlelo, uNkk Agnes Mhlongo, uthe lolu hlelo luyishintshile impilo yakhe ngoba ibhizinisi lakhe lokuthunga izingubo zezingane liyaphumelela.

“Ngiqale leli bhizinisi emva kokuyeka umsebenzi wokusebenza emahhotela. Ngijabule ngoba bangifundisa ukuqala ibhizinisi futhi ukuba yingxenye yalolu hlelo kungivule umqondo ngahlangana nabanye osomabhizinisi engisebenzisane nabo kahle ngokuthembana,” kusho uNkk Mhlongo.

Omunye wabahlomulile, uMnuz Mxo Mkhize, onebhizinisi lokusika ingqephu, i-House of Saints Luke, uthe uthole ulwazi lokukhulisa ibhizinisi alisungule eminyakeni engu-12 edlule. Uphinde wathi usezinhlelweni zokuba nomcimbi wokugubha amagalelo ebhizinisi lapho ezoba ngumsiki wengqephu wokuqala onabakhangisi bengqephu abangu-100.

“Ukuba yingxenye yalolu hlelo lomkhandlu kungivuselelile, kwaphinde kwangihlanganisa nabanye abasiki bengqephu abangesekayo. Abanye babo bazobe bengilekelela ngalolu suku olukhulu oluzayo,” kusho yena.

Abanye osomabhizinisi asebehlomule kwiDurban Fashion Fair kusukela yasungulwa eminyakeni engu-25 eyedlule Isithombe: PHINDILE NQUMAKO