Izindaba

Amathuba omsebenzi kwabakuleli kwiBrics Summit

Zimbili Vilakazi|Published

AMANYE amanxusa njengoba kuza iBrics Summit isithombe: ITHUNYELWE

UNGQONGQOSHE wezoThuthukiswa koMnotho ezokuVakasha nezeMvelo, uMnuz Siboniso Duma KwaZulu-Natal uthi imicimbi yeBrics ekulesi sifundazwe ngaphambi kokuqala kweBrics Summit eqala ngoLwesbili eGoli ilethe amathuba omsebenzi entsheni.

Uthe le ntsha esebenze njengamanxusa ezokuvakasha, iqinisekise nokuthi amanxusa angaphezu kuka-1000 avela emazweni ahlukene azophinde abuye kuleli eseyizivakashi.

I-Brics Women’s Business Alliance ise-ICC eThekwini iqale izolo izovala namuhla.

Uveze ukuthi emva kokuthi ibe yimpumelelo iBrics eKZN Trade and Investment Seminar ngeledlule, likhulu isasasa elikhona ngesi sifundazwe.

“Ezinsukwini ezimbili ezedlule amanxusa ethu ezokuvakasha amukele izihambeli ezingaphezu kuka-500 ukuzothamela iBrics Women’s Business Alliance Trade Conference e-ICC,” kusho uDuma.

Uthe izihambeli zingosomabhizinisi abavela eRussia, India, China, Brazil, Nigeria, Ivory Coast, Rwanda, Zambia, DRC, Egypt, Ghana, Tanzania, Mozambique, Zimbabwe, Botswana, Namibia naseLesotho.

Uthe phakathi kokunye okwenziwe ngamanxusa wukwamukela izihambeli esikhumulweni sezindiza iKing Shaka, ukuqinisekisa ukuthi konke kusesimweni esikahle emahhotela lapho kuzohlala khona izihambeli, kanjalo nokuqinisekisa ukuthi i-ICC isesimweni esifanele ukuphepheni kwezihambeli.

UDuma uthe bakhethe ukusebenzisa iBrics Summit ukuzikhangisa besiyisifundazwe kwezokuvakasha.

“Lokhu kungeminye yemizamo yethu ukwenza ngcono indima yezovakasha, ukuze kudaaleke amathba omsebenzi,” kusho uDuma.