Izindaba

Ahlome ayizingovolo amaphoyisa aqaphe oweBrics

Nonkululeko Nhlapo|Published

UMBUTHO wezokuphepha ngaphansi kweJMPD uthi ukulungele ukubhekana nezaphulamthetho nokuqikelelela ukuphepha kwezakhamuzi kuleli sonto Isithombe: @JoburgMPD

UNGQONGQOSHE wamaphoyisa uMnuz Bheki Cele, uthi umnyango wakhe awunavalo ngokulindeleke kuwona ngoba kubhekwe ukuthi kutheleke izinkumbi zabantu kuleli zizothamela umbuthano weBrics.

UMBUTHO wezokuphepha ngaphansi kweJMPD uthi ukulungele ukubhekana nezaphulamthetho nokuqikelelela ukuphepha kwezakhamuzi kuleli sonto Isithombe: @JoburgMPD

“KASESABI, asinaso isizathu sokwesaba futhi akekho okumele asabe ngoba siqaphe ngelokhozi,” lawa ngamazwi kaMnuz Bheki Cele.

Ungqongqoshe uziqinise idolo izakhamuzi zaseNingizimu Afrika, ngoba kulungiselwa ingqungquthela yamazwe ahlukene, angaphansi kweBrics.

Ubuholi bombutho wamaphoyisa nezokuphepha buhlele isithangami nabezindaba, lapho bendlale obala izinhlelo nokuhleleka kwamaphoyisa njengoba kulindeleke abantu abazothamela ingqungquthela ka-15 yeBrics, kusukela ngo-Agasti 22-24, eSandton Convention Center, eGoli.

UMBUTHO wezokuphepha ngaphansi kweJMPD uthi ukulungele ukubhekana nezaphulamthetho nokuqikelelela ukuphepha kwezakhamuzi kuleli sonto Isithombe: @JoburgMPD

UCele uthi kulindeleke ukuthi kufike abaholi abangu-51 bamazwe ahlukene abazoba yingxenye yengqungquthela. uNgqongqoshe uqinisekise abakuleli ngokuthi umbutho wakuleli wezokuphepha uzovikela wonke umuntu, hhayi izihambeli zombuthano weBrics, kuphela.

FUNDA NALOLU DABA: Isivaliwe imigwaqo eSandton kulungiselelwa iBRICS

Kuhlelwe isithangami sabezindaba-nje, kuphithizela amaphoyisa ezikhumulweni zezindiza zakuleli kanti onogada nabaqaphi baphansi bephezulu ngoba balokhu betheleke njalo abaholi abahlukene kuleli.

UNgqongqoshe wezangaPhandle kuleli uDkt Naledi Pandor, wamukele uMengameli waseBrazil, uMnuz Luiz Inácio, nowakwakhe uNkk Rosângela da Silva, noNksz Dilma Vana Rousseff, osengusihlalo weBrics New Development Bank esikhumulweni sezindiza, i-OR Tambo.

UNGQONGQOSHE wezangaPhandle kuleli uDkt Naledi Pandor, wamukela uMengameli waseBrazil, uMnuz Luiz Inácio, nowakwakhe uNkk Rosângela da Silva, noNksz Dilma Vana Rousseff, osengusihlalo weBrics New Development Bank, esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo Isithombe: PRESIDENCYZA/TWITTER

UNgqongqoshe wezaseKhaya, uDkt Aaron Motsoaledi, wamukele uMengameli waseCameroon, uDkt Joseph Dion Ngute, ofikele e-OR Tambo.

UNGQONGQOSHE wezaseKhaya, uDkt Aaron Motsoaledi, wamukele uMengameli waseCameroon, uDkt Joseph Dion Ngute, otheleke e-OR Tambo Isithombe: PRESIDENCY ZA/TWITTER