Izindaba

Uhulumeni waseKZN nohlelo olusha lokufaka izicelo zomsebenzi

Nonkululeko Nhlapo|Published

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, wethule uhlelo olusha lokufaka izicelo zomsebenzi ngobuchwepheshe besimanje isithombe: @kzngov/TWITTER

UHULUMENI waKwaZulu-Natal wethule uhlelo olusha lokufaka izicelo zomsebenzi kusetshenziswa ubuchwepheshe besimanje.

Uhlelo lwemisebenzi lwethulwe ngaphansi kwesiqubulo salo hulumeni, iS’thesha Waya-Waya, nguNdunankulu wesiFundazwe, uNkk Nomusa Dube-Ncube, emcimbini obusenkundleni yezemidlalo, iHarry Gwala.

Lolu hlelo lwenza kube lula kubantu abafuna ukufaka izicelo zomsebenzi eminyangweni ehlukene kahulumeni wakulesi sifundazwe ngokusebenzisa ubuchwebeshe besimanje.

Umuntu ungena kwi-website yakhona afake imininingwane yakhe nakho konke okudingekayo bese efaka isicelo somsebenzi.

Ngale kokwethula lolu hlelo, uhulumeni wesifundazwe ubeseveza nenqwaba yemisebenzi ekhangiswe yiminyango eyahlukene nokuthi zifakwa kanjani izicelo.

Lolu hlelo kuthiwa luzosiza lesi sifundazwe sigcine abantu baso abanamakhono, iziqu nolwazi oludingekayo ukuthuthukisa umsebenzi wokulethwa kwezidingo kubantu.

Ngale kokwethula uhlelo olusha lwemisebenzi, undunankulu ubuye wanikela ngezinsiza kusebenza kubantu abafaka izicelo kuhulumeni.

Ngale kokwethula uhlelo olusha lwemisebenzi, undunankulu ubuye wanikela ngezinsiza kusebenza kubantu abafaka izicelo kuhulumeni. Isithombe: @KZNgov/twitter