UMNUZ Sipho Nzuza owayeyimenenja kuMasipala weTheku nommeli wakhe, u-Advocate Credo Mlaba, beme ngaphandle kwenkantolo emva kokuhlehliswa kwecala Isithombe: Nomonde Zondi
Kuhlehle icala lenkohlakalo nokukhwabanisa elibhekene nowayeyimeya yaseThekwini, uNkk Zandile Gumede nabanye eNkantolo eNkulu yaseThekwini, kugula ufakazi.
Abasolwa babhekene namacala angaphezu kuka-2 000 okukhona kuwo itulo lokwenza inkohlakalo, inkohlakalo, ukukhwabanisa, ukushintshana ngemali ngendlela engekho emthethweni, ukuphula umthetho wokuphathwa kwemali kumasipala, iMunicipal Finance Management Act. La mathenda athinta imali engaphezu kukaR300 million yethenda kadoti.
Umshushisi, u-Advocate Ashika Lucken, utshele inkantolo ngoLwesibili ekuseni ukuthi ufakazi osebenza kumasipala angeke aze akwazi ukwethula ubufakaiz ngenxa yokuthi uyagula.
“Nkosi yenkantolo, ngitshelwe namuhla ekuseni ukuthi ufakazi akaphilile. Ngizokwazisa abalingani abahloniphekile ntambama ukuthi uzokwazi yini ukuza enkantolo kusasa,” kusho yena.
U-Adv Lucken ucele inkantolo ukuba ikuhlehlise ukulalelwa kwecala. IJaji uSharmaine Balton likuvumile, labe selihlehlisela ikusasa icala. IJaji libuye lacela ukuthi uMbuso ulethe omunye ufakazi ongeke aze athathe isikhathi eside ukufakaza kusasa uma lo msebenzi wakamasipala okumele afakaze namuhla engeke akwazi ukufika kusasa.
UNkk Gumede uthe akeneme ngokuthi icala libuye lahlehliswa futhi namuhla. Uthe selokhu icala laqala bonke ofakazi bayagula uma sekumele balethe ubufakazi.
“Lo fakazi ubethe uzoletha amaminithi emihlangano yekomiti elibhekelele ukukhishwa kwamathenda, iBid Adjudication Committee (BAC), thina esingosopolitiki esingeyona ingxenye yalo, ukuze awanike uMbuso manje useyagula. Sizobekezela ngoba sihlonipha umthetho,” kusho uNkk Gumede.