Izindaba

Ikomiti lithi uMkhwebane uhlulwa wumsebenzi

Sizwe Blose|Published

UMVIKELI woMphakathi, u-Adv Busisiwe Mkhwebane, okuphakanyiswa ukuthi ashenxe esikhundleni Isithombe: African News Agency (ANA).

IKOMITI elingaphansi kukaSection-194, ebeliphenya ngokusebenza koMvikeli woMphakathi, u-Adv Busisiwe Mkhwebane, liholwa nguSihlalo u-Adv Qubudile Dyantyi, limthole enjengomuntu ohlulekile ukuziphatha futhi engakulungele ukuba sesikhundleni ngoba lithi wehlulwa wumsebenzi.

Embikweni owethulwe yikomiti kuvela ukuthi into edale ukuthi umvikeli amiswe emsebenzini nguMengameli Cyril Ramaphosa, wukuthi ubehlulwa wumsebenzi futhi engaziphathi kahle. Ikomiti lithi liyahambisana nesinqumo sikamengameli.

Umbiko wekomiti uphakamisa ukuthi u-Adv. Mkhwebane, asuswe esikhundleni kodwa kuzomele awubone umbiko.

U-ADV Qubudile Dyantji, onguSihlalo wekomiti eliphakamisa ukuthi akhishwe u-Adv Mkhwebane esikhundleni

Ikomiti lenza lesi siphakamiso nje, kakade u-Adv Mkhwebane sekumele ashenxe esikhundleni ngoba sesiphelile isikhathi esiminyaka eyisikhombisa abekelwe yona. Kwenzeka lokhu nje, sesikhangisiwe isikhundla sakhe futhi kwafakwa nezicelo zomsebenzi. Kugcine kusele amagama abantu abayisishiyagalombili, okuhlanganisa noMvikeli woMphakathi osabambile, u-Adv Kholeka Gcaleka.