UXWAYISA ngobungozi bamaqembu amancane ezepolitiki uMnuz Gwede Mantashe onguNobhala kazwelonke we-ANC Isithombe: SIGCINIWE
USIHLALO kazwelonke we-ANC uMnuz Gwede Mantashe, uxwayisa ngobungozi bamaqembu amancane ezepolitiki, ahlanganayo ukuze aqumbe phansi uKhongolose emandleni.
UMantashe uthe lawa maqembu ayekhona ngesikhathi sobandlululo kanti amanye ayekhona ngesikhathi sohulumeni bezindawo.
“Ayikho ingozi uma ithi iSACP izongenela ukhetho ngokuzimela. Ingozi enkulu okumele siyiqaphele, amaqembu angesikhathi sobandlululo kanjalo nangesikhathi sohulumeni bezindawo, ahlanganayo manje ukuze aketule i-ANC emandleni. Yingakho kudingeka ukuthi sibumbane ngoba kunobungozi obukhulu,” kweluleka uMantashe.
Ukusho lokhu ngeSonto ngesikhathi ethula inkulumo eMarikana eNorth West, lapho iSACP ibigubha iminyaka ewu-102, yasungulwa.
UMantashe usho lokhu nje, liyaqonga ivangeli lokusebenzisana phakathi kwamaqembu ahlukene ngemva kokhetho lwangonyaka ozayo.
Amaqembu ahlukene abehlangene ngempelasonto eKapa, ebhunga indaba yokusebenzisana ngoba kumanje kubanjiswene kwabanye omasipala.
Kanti amanye amaqembu amancane akhale ngokuthi azogwinyeka uma kungukuthi avuma eyokusebenzisana.
I-ANC iphakamise ukuthi amaqembu athole amavoti amaningi okhethweni yiwona okumele avunyelwe ukubumba uhulumeni.
Lokhu kushiwo nguNobhala jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula, othe kumele kube nemigomo ezobekwa uma kuzosetshenziswana.
Amaqembu anjnge-Al Jama, ATM NFP, UDM neGOOD Party akhale ngezinto anganeme ngazo uma sekubunjwa uhulumeni wokubambisana. Kubuye kwakhalwa ngenkohlakalo edla lubi kohulumeni bokubambisana nokuthi akukho ukuthembana.
I-PAC ithe lena yimizamo yokuthi i-ANC izisindise okhethweni ukuze ingakhali ngaphansi.
Umholi weDA, uMnuz John Steenhuisen, ukuchithile ukuthi bahlela ukusebenzisana ne-ANC.
Kanti iphini likamengameli we-ANC uMnuz Paul Mashatile, likuchithile ukuthi bahlela ukusebenzisana neDA.
UMashatile ovale umhlangano namaqembu ahlukene, uthe kuzobe kungaqali ukuthi kube nokusebenzisana kwamaqembu ahlukene ngoba bake babambisana neNational Party, ekwakhiweni kukahulumeni wokubambisana. Uthe KwaZulu-Natal, basebenzisana ne-IFP kubanjiswene kuhulumeni wesifundazwe.
USihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Sboniso Duma, uthe inhlangano ayidinge qembu ukuze yakhe uhulumeni wokubambisana. Uthe kumele kukhankaselwe ukuthi iwine ngamalengiso ukuze ikhulule abantu bakuleli.
“I-IFP ayikashintshi futhi akukho okusha ezokwenzela abantu. Asidinge kubambisana namuntu ngoba yithina esiphethe,” kusho uDuma, ekhuluma eMlaza.
Related Topics: