Izindaba

Kusolwa impi yamaZamazama kutholakala izidumbu ehlane

Nonkululeko Nhlapo|Published

Kusolwa impi yamaZamazama kutholakala izidumbu ehlane Isithombe: SIGCINIWE

ZITHOLWE zidindilizile endaweni eyihlane izidumbu ezinhlanu zabasolwa ngokuba amaZamazama.

Lezi zidumbu zitholakale ngoMgqibelo emijondolo yaseZamimpilo eRiverlea, eGoli.

Imibiko yokuqala evela endaweni yesigameko ikhomba ukuthi kungase kube nempi phakathi kwabantu abangamaZamazama, ababanga indawo yokusebenza. Kuthiwa le ndawo isiphenduke inkundla yempi kanti ukuduma kwezulu lezandla sekwaphenduka insakavukela.

ISEXWAYISO: Kungenzeka ukuthi isithombe sibathuse abanye abantu. Izidumbu ezitholakale zidindilizile ehlane elingasemijondolo yaseZamimpilo, eRiverlea, eGoli Isithombe: TWITTER

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni iGauteng, uLieutenant Colonel Mavela Masondo, uthe kutshalwe amaphoyisa azoqapha isimo endaweni.

“Kutshalwe amaphoyisa azoqapha isimo emijondolo yaseZamimpilo ngemva kokubulawa kwabantu abahlanu,” kusho uLieutenant Masondo.

Unxuse umphakathi ukuba ulekelele amaphoyisa ngolwazi olungasiza ekutheni kubanjwe abasolwa.