Izindaba

Bazonikelela abakhubazekile koweReggae

Phindile Nqumako|Published

USizwe Zakwe ongumculi weReggae Isithombe: Sithunyelwe

ABACULI beReggae bazonikela ngezihlalo zabakhubazekile ngenzuzo abazoyenza emcimbini, iReggae For Mandela, eMpangeni ngoMgqibelo.

Umsunguli walo mcimbi ophinde abe ngumculi weReggae, uSizwe Zakwe, uthe ngo-2017 wasungula lo mcimbi eCoolrunning Stage eThekwini futhi kuwo sebekwazile ukuthenga izihlalo ngemali abayenzile.

Uthe umbono wokunikela ngezihlalo ezihamba ngamasondo ufike ngesikhathi unina ehlaselwa yisifo sohlangothi, kwaba nzima ngesikhathi engasakwazi ukuhamba, esedinga isihlalo.

“Njengomculi weReggae bengihlezi ngifisa ukuthi kube nento engiyenzayo ngeMandela Day. Lolu suku elokwenza into ezosiza omunye umuntu uphinde ubeke yena phambili kunawe. Ngesikhathi ngitatamisa umama ephuma esibhedlela, kwathiwa isihlalo siyasala esibhedlela,” kusho yena.

Uphinde wathi wathatha isinqumo sokuthi uzolekelela ngokusebenzisa ikhono lakhe ukusiza abantu abangakwazi ukuthenga izihlalo.

Sizobe siqhuba imiyalelo kaMandela ngalolu suku. Kulo mcimbi kuzobe kunandisa abaculi bakulesi sifundazwe okukhona kubo uMaqhawe Ngcobo, Sizwe Zakwe, Maverip Mavo, Follow Jah, Winnie K noTeeKay.

Uthe abafisa kunikelelwe umuntu odinga isihlalo, bangambhalela [email protected]. Uthe izincwadi ezichazayo uzozifunda emoyeni ohlelweni lwakhe emsakazweni, Icora FM.

"Kuzoba wusuku lokujabula kanye nokudlala indima yethu yokuphilela abanye," kusho yena.

UZakwe uphinde abe yinxusa lokulekelela abakhubazekile ukuthi bangene emsebenzini yobuciko. Lo mcimbi uzobe ubanjelwe eSMME’One Stop Shop, eMpangeni.

BAZOVALA inyanga kaMandela ngomcimbi womculo weReggae nangokuthenga izihlalo ezihamba ngamasondo zabakhubazekile Isithombe: Sithunyelwe