Izindaba

UMalema uxwayisa abafuna ukumketula

Sizwe Blose|Published

UMHOLI we-EFF, uJulius Malema , uwadonse ngendlebe amalungu eqembu wathi angalinge abophe itulo lokumketula. Izolo uMalema uthuse abaningi abebehambele umcimbi weqembu wokuqubha iminyaka ewu-10 lasungulwa, obuseGoli.

UMalema ngemuva kokuxwayisa ngokumketula ube esejikela kkuFloyd Shivambu, oyiphini lakhe.

“Uma kungukuthi uFloyd akasangidingi ngingakujabulela ukuthi angitshele kodwa ngizoba nenkinga uma kungukuthi uhlangene nalabo abafuna ukungiketula. Angixoleli futhi ayikho ingqungquthela yokukhetha ubuholi okuke kwahlulwa umuntu engimesekayo kuyona,” kusho uMalema.

UKHALA ngetulo lokumketula umholi we-EFF uJulius Malema obe esexwayisa iphini lakhe uFloyd Shivambu

Kuvela ukuthi akhona amalungu eqembu afuna ukuthi ashenxe uMalema kulesi sikhundla kungene uShivambu. Iningi lisola uMalema ngokuba ngundlovukayiphikiswa.