Izindaba

Lizoqoshwa bukhoma elonogada bakaPaul Mashatile

Sihle Mlambo|Published

Lizoqoshwa bukhoma elonogada bakaPaul Mashatile Isithombe: Itumeleng English/African News Agency(ANA)

INKANTOLO yeMantshi yaseRandburg inike igunya kwabemithombo yezindaba ukuthi bakuqophe bukhoma ukuqhubeka kwecala elibhekene namaphoyisa ayisishiyagalombili asolwa ngecala lokushaya abesilisa abathathu ababashayelisa kabi emgwaqweni.

La maphoyisa kwaqinisekiswa ukuthi agada iSekela likaMengameli uMnuz Paul Mashatile. Azinikele esiteshini samaphoyisa saseSandton, kanti aboshwe uphiko oluphenya ukuziphatha kwamaphoyisa, i-Independent Police Investigative Directorate (Ipid) ngeSonto.

Wonke amisiwe emsebenzini kanti ahamba uhlelo lokuqondiswa ubugwegwe ngaphakathi emaphoyiseni.

Phakathi kwamacala abekwe wona elokushaya ngenhloso yokulimaza, elokucekelwa kwempahla nelokukhomba ngesibhamu.

IMantshi uHleziphi Mkhasibe ilalele isicelo izolo lapho abameli bebephikisana khona nokukhonjiswa bukhoma kokwenzeka enkantolo.

Phakathi kwamanye amaphuzu abekwe abameli ngesikhathi bephikisa lokhu bathe ukuqoshwa bukhoma kwecala kuzoholela ekutheni kuvele ukuthi amakhasimende abo angobani.

Bathe lokho kuzoholela ekutheni kuthikamezeke icala, kuwabeke engozini babuye bathi ukuvezwa kwabo kuzothikameza ezokuphepha ezingeni likazwelonke.

Imantshi ikhiphe isinqumo sokuthi ukuqhubeka kwecala kuvezwe bukhoma, yathi lokhu ukunqoba ngoba umphakathi uyafuna ukwazi kabanzi ngaleli cala.