OFAKAZI boMbuso abasebenza kuMasipala weTheku banovalo ukufakaza ecaleni lenkohlakalo kanye nokukhwabanisa elibhekene nowayeyimeya yalo masipala uNksz Zandile Gumede nabanye aboshwe nabo emuva kokuthi omunye wabo esatshisiwe ngempelasonto. Isithombe: Doctor Ngcobo
OFAKAZI boMbuso abasebenza kuMasipala weTheku banovalo ukufakaza ecaleni lenkohlakalo kanye nokukhwabanisa elibhekene nowayeyimeya yalo masipala uNksz Zandile Gumede nabanye aboshwe nabo emuva kokuthi omunye wabo esatshisiwe ngempelasonto.
Izolo umshushisi u-Ashika Lucken utshele inkantolo eNkulu eThekwini ukuthi ufakazi akakwazanga ukuza enkantolo ukuzofakaza emuva kwesigameko sokudubula esenzeke emzini wakhe ngoMgqibelo.
.
“Nkosi yenkantolo, uMbuso usubekeke esimeni esingesihle namuhla ekuseni ngoba asikwazi ukubiza ufakazi woMbuso ebesilindele ukuthi uzobizwa namuhla (esho izolo). Isizathu salokhu ukuthi ithimba labashushisi lithole ucingo ngoMgqibelo ngabo 6.30 ekuseni obelusho ukuthi kube khona ukudubula emzini kafakazi kanti kutholwe inhlamvu. Ukudubula kwenzeke ngasewindini lekamelo lakhe lokulala,’ kuchaza umshushisi.
Uthe ngenhlanhla ufakazi nomndeni wakhe abalimalanga. Uqhube wathi amaphoyisa asevule idokodo kanti uphenyo luyaqhubeka. “Saziswe abaphenyi abebesebenza ngempelasonto ukuthi akekho esimeni sokuthi afakaze kanti uthathe nekhefu emsebenzini, ukuthi aziqoqe alulame kulesi sehlo.”
Uveze ukuthi amaphoyisa athola izingcingo ngapha nangapha kwabanye ofakazi abebezofakaza kulesi sikhathi sokuhlala kwenkantolo. “Laba ngabasebenzi bakamasipala,” kusho umshushisi.
Uthe bonke laba basebenzi bakamasipala bakhathazekile ngokuphepha kwabo emuva kokuzwa okwenzeke kuzakwabo. Uveze ukuthi amaphoyisa kumele enze ucwaningo ngokuphepha kwabo njengoba bebecelile ofakazi ukuze kube khona okwenziwayo ngokuphepha kwabo.
Kuzothatha isikhathi ukuthi kube khona izinyathelo ezithathwayo, kodwa, uMbuso kumele uzame ukwehlisa amaphaphu kulesi simo uma kuza kofakazi. Amaphoyisa athe ziningi izinhlelo okumele zihlanganiswe ukuze kuqinisekiswe ukuphepha kofakazi,” echaza.
Phezu kwalokhu, uthe akakwazi ukuchaza ukuthi yiziphi lezo zinyathelo, kodwa bazokwazi ukukhipha umbiko ngoLwesihlanu bese behlola isimo. “Sizobona ukuthi siyakwazi yini ukuqala ngoLwesihlanu noma ngoMsombuluko.”
UNkk Gumede obebonakala engeneme emuva kokuhlala kwenkantolo uthe akaphathekile kahle. “Angiphathekile kahle kanti isizathu salokhu ukuthi abantu kumele beze bezothula ubufakazi, basitshele iqiniso abalaziyo manje sebesitshela ukuthi imizi yabo idutshuliwe abanye bathi bayesaba ukuza enkantolo bazofakaza,” kusho uNkk Gumede.