Izindaba

Ikhwelo ophikweni lwabesifazane lwe-ANC ukuthi lubuyise isithunzi salo

Mhlengi Shangase|Published

UMONGAMELI omusha waphiko labesifazane iANCWL uNksz Nokuzola Gladys Tolashe (63), odume ngelikaSisisi, uthe uphiko kumele lubhukule ukusiza abesifazane ezintweni abakhala ngazo. Isithombe: Itumeleng English / African News Agency (ANA)

BANXUSE uphiko lwabesifazane lwe-ANC ukuthi lubhukule lubuyise isithunzi salo ukuze abantu besifazane babuyelwe ukulwethemba kanjalo nesithunzi salo lolu phiko.

Lokhu kushiwo ngumhlaziyi wezepolitiki uDkt Levy Ndou, othe uma lolu phiko lufuna ukubuyelwa isithunzi kumele lubhukule lubeke phambili izinto ezithinta abesifazane.

UNdou uthe akumele nje kube uphiko oluzokhuluma izinto ngoba sezivele obala kodwa kumele lube nezinhlelo ezicacile zokufukula abesimame.

“Ukuze lolu phiko lubuyelwe isithunzi kumele lubhukule lulwele izinto abesifazane abakhala ngazo nsuku zonke. Umengameli wezwe evala ingqungquthela yalolu phiko ubalule indaba yokuthi abesifazane kumele bawuthole umhlaba ukuze benze izinto eziningi okubalwa nokulima. Siyazi ukuthi ezindaweni eziningi eziphethwe amakhosi kusenzima satshe ukuthi abesifazane banikwe umhlaba. Lolu phiko kumele luqale lulwe nale nkinga okuneminyaka ikhona.”

Nomengameli omusha walolu phiko uNksz Nokuzola Gladys Tolashe (63), odume ngelikaSisisi, ushumayele ivangeli elifanayo evala ingqungquthela ngeSonto ebusuku ukuthi kumele babuyele emphakathini bayolwela izinto ezihlupha abesifazane.

Uthe indaba yokuthi bathole amathuba alinganayo ngenye yezinto abazoyilwa njengoba ibalulwe nawumengameli Cyril Ramaphosa.

“Indaba yokuthi uma kukhishwa imisebenzi cishe ingxenye eningi kumele inikwe amabhizinisi abesifazane, yinto esizoqikelela ukuthi iyenzeka. Ziningi izinto ezihlupha abesifazane okumele sibhekane nazo ngqo.”

Uthe njengoba ngonyaka ozayo kuyiwa okhethweni, bazosebenza ngamandla ukuze i-ANC idle umhlanganiso.

Ubalule nokuthi kubalulekile ukuthi kube nobumbano wathi abahluliwe kumele bangahambeli kude kodwa basondele, kusetshenziswane.

Uthembise ukuthi njengoba ezinye zezigaba zengqungquthela zingaphothulwanga okubalwa nokumenyezelwa kwamalungu engeziwe, bazoqhubeka nazo ngohlelo lobuchwepheshe besimanje.

“Sizoba nengqungquthela ngohlelo lobuchwepheshe ukuze siqhubeke siphothule ezinye izinto ezisalile ngenxa yokuthi sishaywe isikhathi. Sizomemezela usuku esizoqhuba ngalo le ngqungquthela sisebenzisa ubuchwepheshe besimanje,” kusho uNksz Tolashe.

UNksz Tolashe uzalwe ngoDisemba 21, 1959. Uyiphini likaNgqongqoshe ehhovisi likamengameli elibhekele abesifazane, izingane nabaphila nokukhubazeka.

Wayeyilungu lesiShayamthetho sase-Eastern Cape kusuka ngo-2001 kuze kube u-2008. Wayengunobhala jikelele wophiko lwabesifazane kuzwelonke kusuka ngoJulayi 2008 kwaze kwaba ngu-Agasti 2015. Umengameli walolu phiko ngaleso sikhathi kwakunguNkk Angie Motshekga, uNgqongqoshe weMfundo eyiSisekelo.

Waba yilungu lePhalamende kusuka ngo-2016 kuya ku-2019. Ngo-2018 kuya ku-2019 wakhethwa njengemeya kumasipala i-Enoch Mgijima. Ngo-2019 wabuyela ePhalamende emva kokhetho waqokelwa ekubeni sehhovisi likamengameli emva kwezinguquko kwiKhabhinethi kaMengameli Cyril Ramaphosa ngoMashi kulo nyaka.

Uyilungu lesigungu esiphezulu se-ANC.