USHESHE wafika uKhisimuzi emalungeni omphakathi wakwaHlabisa njengoba egixabezwe ngezingubo zokulala Isithombe:SITHUNYELWE
BAFANISWE nezilwane ezingafanele ukuba semphakathini abesilisa abadlwengula izingane nezalukazi, emcimbini wokunikelela ogogo ngezingubo zokulala.
Ogogo banikelelwe wuMasipala, iBig 5 Hlabisa, ukuba bavike amakhaza ashubisa umnkantsha kulobu busika.
IMeya yaseBig Five Hlabisa, uMnuz Comfort Khumalo, ithe sekuyisikhathi sokuba amadoda asukume alwe nezigilamkhuba ezinukubeza ngokocansi.
"Abantu abadlwengulayo akuwona amadoda lawo kodwa izilwane uqobo lwazo. Empeleni izinja ezingadingeki nokuthi zibesemphakathini. Uyazi bayafana nebhubesi lesilisa, okuthi uma amawundlu eliwazalayo lihleli nawo bese liwaqhobozela liwadle," kusho uKhumalo.
Ogogo bajabule banconcoza kulo mcimbi abanye besho nokuthi bayaqala ezimpilweni zabo ukwembeswa ngezingubo ezintsha ceke.
UNkk Sindisiwe MaMbokazi Sishwili (80) uthe akazi nokuthi angabonga athini ngalesi sipho sengubo.
"Uyabona le ngizolala ngayo ngedwa. Ngisho umzukulu angeke ayithinte ngoba angifuni ukuyithola isinuka umchamo. Ngizolala ngayo kulamakhaza ,ngithi fothololo, ngingezwa lutho ngendlela ethofozela ngayo," kusho ugogo Sishwili.
Iningi lezalukazi elihlomulile lithembe imali yempesheni njengoba emakhaya kungasebenzi muntu.
Kwenzeka lokhu nje ubusika bakulo nyaka budlange ngezimvula ezibandayo namakhaza ashubisa umnkantsha, ahambisana nekhithiko kwezinye izindawo. KwaZulu-Natal likhithikile ezindaweni ezahlukene nokwenze amazinga ehla ashona phansi ,kwabanda kakhulu.
UKhumalo uthe lolu hlelo bebeluqala kulo nyaka kodwa bazoqhubeka nalo nangonyaka ozayo kwezinye izindawo.
Uthe kulokhu balwenze emawadini amane njengoba bebeluqala nje .
Kwamanye amadolobha nezinhlaka ezizimele zibonakale zibhukula zihambisela nabahlala emigwaqweni izingubo ngoba kunqandwa ukuba lamakhaza angagcini esekhipha isidumbu.
"Kulaba abatholile kulo nyaka angeke besahlomula ngonyaka ozayo ngoba sizogxila kulaba abangazange bazithole izingubo ngokuzayo," kuchaza uKhumalo.
Related Topics: