USHAYE ungqimphothwe uNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, ngenkulumo ayethule engqungqutheleni yophiko lwabesifazane lwale nhlangano, eNasrec eGoli, izolo, lapho ebesabise khona ngokuthi bazosusa esikhundleni uNgqongqoshe weziNkampani zikaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan, uma ehlulwa umsebenzi.
UMbalula ubethe ngeke bananaze ukukhipha ezikhundleni ondunankulu nongqongqoshe abavilaphayo kanjalo nalabo ababajube kuhulumeni.
Ubebale uGordhan, wathi kumele abhukule, alungise izinkinga ezibhekene neTranset nokuthuthwa kwempahla kusetshenziswa ulayini ohamba isitimela namaguzi ukuze izimpahla zihambe kulo mzila kunokuthi zihambe emigwaqweni ngoba kuke kube nokuphazamiseka ngenxa yokushiswa kwamaloli.
I-ANC ibe isikhipha isitatimende esibhekiswe kwabezindaba noMbalula asifake kwiTwitter wakhe, lapho le nhlangano ibicacisa ukuthi uGordhan ngeke aphelelwe umsebenzi.
“UNgqongqoshe weziNkampani zikaHulumeni ngeke akwazi ukwenza yonke into eyedwa. Uhulumeni esebenzisana nomphakathi, kudingeka babambisane ukuze kutholakale izisombululo ezinkingeni ezikhona,” kusho isitatimende esikhishwe ngokhulumela i-ANC uNkk Mahlengi Bhengu-Motsiri.
Related Topics: