Izindaba

Sekubhekwe isinqumo ngokugudluzwa koNyazi eBuhleni

Thokozani Ndlovu|Published

KULINDWE ijaji ngesinqumo sokugudluza uNyazilwezulu eBuhleni Isithombe: SIGCINIWE

AKUSENSUKU zatshwala iNkantolo eNkulu eThekwini ikhiphe isinqumo ‘ngokususwa' komholi wamaNazaretha uNyazilwezulu eBuhleni, nokuluyekisa ukuziphathisa okomholi webandla.

Lokhu kulandela isicelo sokuthi lo mholi agudluke esikhundleni ebesidingidwa eNkantolo. Isicelo, sifakwe wumholi wamaNazaretha, iNkosi Phinda Shembe, Ukukhanyakwelanga, owangena esikhundleni seNkosi eseyakhothama, uVela Shembe Imisebeyelanga.

Ummeli wokuKhanyakwelanga, uMnuz Trevor Nkosi, uthe ijaji lithe lizobazisa ngosuku elizokhipha ngalo isinqumo ngesicelo sabo.

“Besifake isicelo sokuthi uNyazilwezulu luphume eBuhleni luyohlala emzini woThingolwenkosazana. Besinxuse nokuthi luyeke ukuziphathisa okomholi nokugqokisa okomholi kodwa lube yilungu lebandla nje elijwayelekile njengoba inkantolo seyanquma kaningi ukuthi aluyena umholi. Njengamanje asinalo usuku oluqondile ijaji elizosinika ngalo isinqumo kodwa akuyona into esibona izothatha isikhathi eside,” kusho uNkosi.

Uthe uma inkantolo ibavuna esicelweni sabo lokho kusho ukuthi uNyazilwezulu luzothunyelelwa incwadi enquma izinsuku ukuthi luphume eBuhleni luyeke nokuziphathisa okomholi.

Uveze ukuthi uma uNyazi lwenqaba noma seluthole incwadi kuzobe kusho ukuthi alusayihloniphi inkantolo, kumele luboshwe noma kusetshenziswe umthetho ukuthi lukhishwe ngenkani.

Ukufakwa kwalesi sicelo, kwandulelwa ukuthi uNyazilwezulu lwachithwa yiNkantolo eNkulu ukuthi lungumholi wamaNazaretha, kodwa yavuna Imisebeyelanga.

UNyazi lwadlulisa icala ngoba lunganelisekile ngesinqumo kodwa iNkantolo yokuBuyekeza amaCala yaluchitha. Lwaphinda lwaluyisa eNkantolo yokuDluliswa kwamaCala nakhona lwafike lwachithwa. Udaba luze lwaphelela eNkantolo yoMthethosisekelo okungeyokugcina, nakhona uNyazi lwafika lwachithwa ukuthi lungumholi.

Ngenxa yokuthi zonke izinkantolo bezivumelana ngokuthi uNyazi aluyena umholi onegunya lokuhola amaNazaretha ngokwamaphepha asenkantolo, kuphoqe ukuthi umholi ovunwe yinkantolo afake isicelo sokuthi aluyekise ukuziphathisa okomholi. Indaba egudwini kulesi sicelo yile yokuthi uNyazi kalunasabelo njengenhloko yebandla ekomkhulu eBuhleni, lapho ohola ibandla kumele azinze khona.