Izindaba

Lugujwe kanjani usuku lukaMandela?

Nonkululeko Nhlapo|Published

KUNINGI okuhle okwenziwa ngosuku lokuzalwa kowayengumengameli wokuqala wentando yabantu kuleli, uDkt Nelson Mandela. Lolu suku lwaphendulwa lwaba yilanga lokuthi abantu banikele, bagubhe ngokwenza okuhle empilweni yabanye njengesikhumbuzo sakho konke okuhle akwenza uTata, esaphila.

Umengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, uhambele esifundazweni i-Eastern Cape, lapho kwembulwe imifuziselo emibili kaNelson Mandela.

Umfuziselo wethulwe eNelson Mandela Museum, eBhunga Building Gallery. Ngaphambi kokwembulwa koo mfuziselo uDkt Vuyani Gweki Booi, oyiCEO yale ndawo yamagugu uhambise uMengameli uRamaphosa embonisa izigaba ezibalulekile zempilo kaMandela ngokusatshalaliswa emabhilidini amathathu iMvezo, Qunu, eBhunga.

Le ndawo yamukela izinkulungwane zezivakashi eziqhamuka emazweni ahlukene nezifuna ukwazi kabanzi ngaleli qhawe elihlonishwa kakhulu ngendima yalo ekukhululweni kwezwe.

UMFUZISELO kaNelson Mandela wethulwe endaweni yamagugu iNelson Mandela Museum eBhunga Building eMthatha Isithombe: The Presidency

Kwethulwa umfuziselo, uRamaphosa unxuse izakhamuzi zaseMthatha, ukuthi zivikele lemifuziselo ngoba yiyona eheha izivakashi. Ubuye wakhuthaza osomabhizinisi abancane ukuba baqinisele ngoba ukuba khona kwalezi zindawo kuvula amathuba ukuba nabo babonakale uma kufika izivakashi eziqhamuka kwamanye amazwe.

Ithimba eleseka iBanyana Banyana ngokubambisana nekhomishini yaseNingizimu Afrika, eWellington eNew Zealand, libambisane nezinhlaka ezahlukene ezenza umsebenzi wokunikela emphakathini ngenhloso yokubungaza usuku lukaMandela ekuhambeni.

ITHIMBA eleseka iBanyana Banyana, libungaza usuku lukaMandela eNew Zealand Isithombe: TWITTER
ITHIMBA eleseka iBanyana Banyana, libungaza usuku lukaMandela eNew Zealand isithombe: TWITTER

Ithimba leqembu Amazulu lijoyine umsakazo i-East Coast Radio, nabe-aQuelle, ngomkhankaso wokukhuculula esikoleni iMargot Secondary.