Kusolwa umholi oqavile ngokuthwala ngamalungu omndeni Isithombe: Simphiwe Mbokazi
ISISHOSHOVU somzabalazo futhi esike saba yilungu lePhalamende, uDkt Makhosi Khoza, siziphendulele ezinsolweni ezishiwo yilungu lomndeni waso kwiTiktok.
Leli lungu lisole uDkt Khoza ngokuthi usewukhathazile umndeni ewuhlukumeza futhi uthwale ngawo. Lithe uDkt Khoza, oke wahola i-ANC ne-ActionSA eThekwini, wenza noma yini ukuze adume futhi aphile impilo entofontofo.
"Uyenqaba ukuya kudokotela wengqondo. Yingakho ngithathe isinqumo sokukhuluma ngoba udinga usizo. Uthwale ngabantu abaningi ekhaya.
Njalo ngo-Ephreli bekushona abantu. Ngesonto eledlule uhlabe imbuzi, wenza umcimbi esingazi ukuthi uchaza ukuthini. Washisa imbuzi iphila elangabini lomlilo. Wathatha izinkukhu ezintathu waziphonsa emfuleni. Zahamba nomfula ziphila zinjalo."
Liqhuba ilungu lithe uDkt Khoza usethwale ngabantu abasondele nabo, okubalwa umyeni wakhe, unina nomfowabo. Lithe ngisho nezingane zikaDkt Khoza zihlukumezekile ngenxa kanina.
Leli lungu linxuse odokotela nezinyanga ukuba balekelele ngoba uDkt Khoza unesifo sengqondo esingagcina simenze waphenduka umhambuma emigwaqweni.
Libuye laveza ukuthi uDkt Khoza akezwani nomfelokazi kamfowabo ngenxa yombango womuzi.
Engxoxweni abe nayo neSolezwe Ngempelasonto, uDkt Khoza uthe kudala umndeni wakhe wawuzama ukudicilela phansi isithunzi sakhe futhi ne-video bese kukade esatshiswa ngayo.
Uthe ujabule kakhulu ngoba bagcine beyidedelile. Usole ukuthi amalungu omndeni wakhe anomona ngempumelelo yakhe.
"Ngiwusosayensi osebenza ngokuzikhandla. Konke engiphumelele ngakho kungenxa yokusebenza kanzima. Lezi zinsolo zivamisile emindenini yabantu abamnyama. Isihlava. Abantu kabakholwa wukuthi ukusebenza yikho okudala impumelelo. Bakholelwa emilingweni nakuzo zonke izinkoleloze."
Eqhuba uthe wonke umuntu uyazi ukuthi ungumbhali wezincwadi eziningi. "Ngilala amahora angaphansi kwayisithupha. Lezi zinsolo ziyinto engekho.
Abantu bafuna ukuba namatayitela emizi abangayisebenzelanga. Ngakho uma bengasakutholi abakufunayo baqale bakubhece ngobende.
Ngimatasatasa kabi mina nokuthuthukisa izilimi zabantu kunokunakana namalungu omndeni agaqela izinto angazisebenzelanga."
Ebuzwa ngengane yakhe ebonakala exabana nayo kwenye i-video ekwiTiktok, uDkt Khoza uthe ubedliwa wukhwantalala. Uthe okumxakayo wukuthi kuhlanganiswa izinto eziningi ezingahlangani, esikhundleni sokuba kugxilwe kokukodwa.
Mayelana nokugula ngengqondo, uthe ngamampunge lawo futhi nabantu bazobona ukuthi uyasukelwa ngoba abazona izilima. "Nginenqwaba yemizi ewu-14 ngenxa yokusebenza ngokuzikhandla futhi ngisebenza nezikhungo ezihlukahlukene."
Related Topics: