Izindaba

Ukhishwe ngebheyili oyedwa kwelikaBester

Zimbili Vilakazi|Published

U-Dkt Nandipha Magudumana oyintombi kaThabo Bester aboshwa nayo eTanzania kulindeleke ukuthi aphinde anikezwe elinye ithuba ngoLwesihlanu lokwenza izethulo eNkantolo eNkulu yaseBloemfontein ngoMeyi.Isithombe: Timothy Bernard African News Agency

UKHISHWE ngebheyili kaR10 000 omunye umsolwa ecaleni elimayelana nokusizwa kwesiboshwa uThabo Bester ukuthi seqe ejele.

U-Mnuz Joel Makhetha udedelwe ngebheyili kwathi uMnuz Moeketsi Ramolula wasilaxaza isicelo sakhe eNkantolo yeMantshi yaseBloemfontein izolo.

Laba ababili, basolwa ngokulekelela isiboshwa uThabo Bester seqe ejele ngoMeyi nyakenye.

Ngesikhathi uMakhetha, ongumsolwa ka-11 kuleli cala ecela ibheyili ngokumelwa ummeli, uMbuso uthe awunazo izinhlelo zokusiphikisa.

Phakathi kwemibandela enikwe uMakhetha ukuthi angahambi eBloemfontein engamazisanga umphenyi wecala.

Ubuye wayalelwa nokuthi angaxhumani nofakazi boMbuso, nokuthi ayosayina esiteshini samaphoyisa saseBloemfontein kanye ngesonto phakathi kuka-8 ekuseni no-4 ntambama.

Efunda incwadi kaMakhetha efungelwe ummeli wakhe uMnuz Tshepo Thusi uthe uMakhetha unezingane ezine kanti umisiwe emsebenzini inkampani iG4S futhi ngeke akhokhelwe.

“Uhola uR17 000 kanti uzimisele ngokuthi anikeze uMbuso izincwadi zakhe zokuhambela amanye amazwe (i-passport),” kusho uThusi.

Emva kwalezo zethulo ebezenziwa uThusi, uMbuso uthe imininingwane ngoMakhetha iqinisekisiwe nomphenyi wecala waveza nokuthi ukuvezile ukuthi ofakazi boMbuso abenze izitatimende uMakhetha akabazi.

UMbuso uphinde wakuveza ukuthi uMakhetha usezilethile izincwadi zakhe zokuhambela amanye amazwe.

UMakhetha noRamolula babhekene namacala ehlukene, kanti kuwo kukhona elenkohlakalo, elokuphazamisa isidumbu nelokusiza isiboshwa seqe ejele.

Bangu-12 sebebonke asebeboshiwe ngamacala ehlukene ayamaniswa nokulekelela uBester ukuze eqe ejele.

Kubona bayisikhombisa asebekhishwe ngebheyili kaR10 000 umuntu emunye.

Bonke kulindeleke ukuthi baphinde bavele enkantolo ngo-Agasti 8.

Khonamanjalo uDkt Nandipha Magudumana oyintombi kaBester aboshwa nayo eTanzania kulindeleke ukuthi aphinde anikezwe elinye ithuba ngoLwesihlanu lokwenza izethulo zakhe esicelweni sakhe asifake eNkantolo eNkulu yaseBloemfontein ngoMeyi.

UMagudumana wafaka isicelo, athi siyaphuthuma ngaleso sikhathi, sokuthi kuthathwe njengokungekho emthethweni ukulandwa kwakhe eTanzania. Kuleso sicelo wathi ukubuyiswa kwakhe ukuthatha njengokuthunjwa.

Inkantolo yasichitha isicelo sikaMagudumana ngaleso sikhathi wabe esethatha isinqumo sokuthi sibuyekezwe isinqumo senkantolo.