ABE-ARRIVE Alive bafake lesi sithombe enkundleni uTwitter esibonisa ilangabi liqhuma phezulu emahhovisi eVodadom
ABEZICISHAMLILO bamatasa nokubhula ilangabi emahhovisi enkampani yezokuxhumana iVodacom eCentury City eKapa.
Yize ingacacile kahle imbangela yalo mlilo abeVodacom baveze ukuthi abantu bakhishiwe kulawa mahhovisi futhi akekho olimele.
UByron Kennedy oyinhloko yezokuxhumana nabezindaba uthe okwamanje kusabhulwa umlilo kusazophenywa ngembangela yalo mlilo.
Abantu abaningi banikele ezinkundleni zokuxhumana befaka izithombe nama-video abonisa leli langabi liqhuma phezulu.
The @Vodacom building in Cape Town is on fire! pic.twitter.com/FNCH8hvjut
— Stephen Horn (@SteveSince91) July 9, 2023
Related Topics: