Izindaba

Bakhale ngokuvalelwa ngaphandle abasemjondolo kudluliswa izindlu

Sabelo Nsele|Published

BAKHALE ngokuvalelwa ngaphandle abahlali basemjondolo yakwaJika Joe eMgungundlovu kudluliselwa kubanikazi izindlu zikahulumeni eziqashisayo ezakhiwe eduze kwale mijondolo.

Izolo uNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho “KK” Nkosi, udlulisele ngokusemthethweni lezi zindlu ezingu-400.

Lezi zindlu zinamagumbi amabili okulala.

Ngaphambi kokuthi uNkosi afike kule ndawo, kube nombhikisho.

Lo mbhikisho uphazamise ukungena kanye nokuphuma kwezimoto edolobheni eMgungundlovu.

Kuze kwangenelela amaphoyisa ahlakaze ababhikishi.

Ngesikhathi kuqhubeka umcimbi wokunikezelwa ngezindlu, amaphoyisa nezinkampani zonogada abebehlome beyizingovolo bebesiqaphe ngelokhozi isimo.

Umengameli wabahlali basemjondolo, uMnuz Sibusiso Zikode, ukhale ngokungathembeki kwezikhulu zikahulumeni.

UZikode uthe abahlali bakwaJika Joe babekade bethenjiswe ukwakhelwa izindlu zemixhaso, obekufanele zakhiwe kanye nalezi eziqashisayo.

Uthe izindlu zomxhaso azibange zisakhiwa kepha kwakhiwa kuphela lezi eziqashisayo.

“Isivumelwano sasithi amabhodwe azovuthwa kanye kanye. Emva kwalokho uhulumeni wavele wakha lezi eziqashisayo kuphela. Iningi labahlali bakwaJika Joe angeke likwazi ukukhokha imali yokuqasha. Emva kokuthi sekuqedwe lezi eziqashisayo, abahlali bacela ukuthi kungangeni muntu kuzona kuze kube kuqedwa ukwakhiwa lezi zabahlali.”

UZikode uthe bavumelana noNkosi emhlanganweni abebenawo ngesonto eledlule ukuthi kuzoke kumiswe ukufakwa kwabantu kulezi zindlu

“Kungithusile ukubona ungqongqoshe eqhubeka nokunikezela ngezindlu. Le nto ikhombisa ubuqili.”

UNkosi uthe bazohlangana nobuholi babaHlali baseMjondolo.

“Sifuna ukukubeka kucace ukuthi sinezindawo ezimbili okuzokwakhelwa kuzona abantu bala kwaJika Joe abangeke bakwazi ukungena kulezi zindlu eziqashiswayo. Sizobakhela eSignal Hill naseThembeni. Zombili lezi zindawo ziseduze kakhulu nedolobha.”

Kube yinjabulo yodwa kubantu abahlomule kulolu hlelo.

UNkk Mata Dlamini (65) uthe ubesehlale kwaJika Joe kusukela ngo-2004.

UNkk Dlamini, ophila ngempesheni, unezingane ezimbili nabazukulu abane.

“Izingane zami ngaze ngazicelela ezihlotsheni ngenxa yokuthi indlu ebengihlala kuyo incane. Njengoba sengithole le ndlu sengizozibuyisa izingane zami.”

UNkk Sylvia Ndlela (73) uthe ubesehlale kwaJika Joe iminyaka ebalelwa kwengu-15.

“Bese ngize ngalahla ithemba ngoba bese kuze kwaguga namaphepha ebengiwathola uma ngifaka isicelo sendlu. Ngijabule kakhulu ukuthi ekugcineni ngiyitholile indlu yami.”

UNkk Sylvia Ndlela ungomunye wabahlomule ohlelweni lwezindlu zikahulumeni eziqashiswayo. Lapha ubehalaliselwa yiMeya kaMasipala uMsunduzi, uMnuz Mzimkhulu Thebolla, ekamasipala wesifunda uMgungundlovu, uMnuz Mzi Zuma, noNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho “KK” Nkosi Isithombe: Sabelo Nsele