Izindaba

USomlomo wePhalamende uchitha eyokushalazela umbiko wekhomishini kaZondo

Mhlengi Shangase|Published

USOMLOMO wePhalamende uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, usechithe izinsolo zikamengameli wamajaji kuleli iJaji Raymond Zondo, zokuthi iPhalamende lingahluleka ukugwema elinye ihlandla lokulawulwa koMbuso yidlanzana.

Uthe akulona iqiniso ukuthi bahleli abenzi lutho ngezincomo zekhomishini eyayiphenya ngalezi zinsolo, eyayiholwa nguZondo.

Lokhu ukusho emva kokuba uZondo egxeke iPhalamende esidlangaleni wathi alikenzi lutho ngezincomo zekhomishini.

“Sishaqekile ngenkulumo kaZondo esidlangaleni ngoba besingalindele ukuthi angakhuluma kanje ekubeni engakaze akuveze phambilini noma athi ufuna kuhlanganwe. Njengoba zingekho izinhlelo zokuthi iPhalamende namajaji baxhumane njalo, azikho nezinhlelo ezenziwa nguZondo zokuthi silethe umbiko ngebanga eselihanjiwe mayelana nezincomo zekhomishini,” kusho uNkk Mapisa-Nqakula.

Ezinye zezincomo zithinta ukuthi iPhalamende kumele liqinise izinhlaka ezithinta ukuthi amalungu aphendule emakomitini athintekayo ngezinsolo abhekene nazo.

UNkk Mapisa-Nqakula uthe akulona iqiniso ukuthi abenzi lutho ngezincomo zekhomishini.

“Simchazelile uZondo emhlanganweni esibe nawo ukuthi ezincomeni ezingu-19 zekhomishini ezithinta iPhalamende, ezingu-11 zazo sesenze okuthile ngazo. Umsebenzi uyaqhubeka ngalezi ezinye izincomo eziyisishiyagalombili.”

Uthe amakomiti abhekele ukuqinisekisa ukuthi izincomo ziyalandelelwa, azobika njalo ngekota ekomitini lasePhalamende ngebanga eselihanjiwe.

Uveze nokuthi njengoba kunamalungu ePhalamende ayethinteka embikweni wekhomishini, ayisithupha udaba lwawo lwadluliselwa emakomitini emigomo, kwathi amanye amalungu ayisithupha udaba lwawo lwadluliselwa esikhungweni esizimele esaziwa nge-United Behind.

“Ezakamuva ezithinta la malungu ngukuthi amathathu awo atholwa enecala, amahlanu akhishwa phambili, amabili udaba lwawo lusaqhubeka. Amalungu amabili asula ePhalamende.”

UNkk Mapisa-Nqakula uthe abafuni ukuthumela umyalezo kubantu bakuleli wokuthi alukho uzinzo ezweni.

“Asizange simphendule uZondo esidlangaleni yize yena akhuluma khona ngoba besifuna ukuthola umnyombo wezinto akhala ngazo. Nokuthi asifuni kube sengathi alukho uzinzo ezweni yingakho sihlangane naye, samchazela ngezinto eziningi kanjalo nangezingqinamba ezikhona.”

Uthe bavumelene ngokuthi ngomuso bazoba nochungechunge lwemihlangano ukuze baxoxe ngezinto ezibathintayo.

UNkk Mapisa-Nqakula, uthe njengoba ePhalamende kunamaqembu angu-14, kubuye kube nzima ukuthi bona beyiPhalamende bangangenela ezintweni ezithinta amaqembu njengokuvotelwa ukungabuthembi ubuholi bukamengameli.

Uveze nokuthi umthetho wezokhetho ovumela abangenela ukhetho ngokuzimela ukuthi babe yingxenye yokhetho lukazwelonke ngonyaka ozayo usuphasisiwe kodwa ngenxa yokuthi kukhona abaye enkantolo kumele balandele lonke uhlelo lwezomthetho.