Izindaba

Ikhathazekile ikhomishini ngokucothoza kwempesheni yabakahulumeni

Mhlengi Shangase|Published

IKHATHAZEKILE iPublic Service Commission (PSC), ngokuhamba kancane kwezinhlelo zokukhokhela ababengabasebenzi bakahulumeni imali yempesheni.

UMnuz Anele Gxoyiya wekhomishini, uthe bathole izikhalazo eziningi eziphuma emaqenjni ahlukene ezepolitiki, nezinyunyana zabasebenzi nomphakathi, ngokuhamba kancane kokukhokhwa kwempesheni yabasebenzi.

Uthe kudingeka kube nohlelo olucacile lokuhlonza ukuthi zikuphi izinkinga.

“Lezi zinhlaka ezisithintile zikhathazekile ngezinselelo ekukhishweni kwemali yempesheni yalabo ababesebenzela uhulumeni. Abanye babo sebathatha umhlalaphansi kanti bahlala kude namadolobha, kwesinye isikhathi imininingwane yasemabhange isuke ingaqondile,” usho kanje uGxoyiya, ekhuluma nabezindaba izolo.

Uqhube wathi enye inkinga wukuthi abanye abaqashi basuke bengayifakanga imali yabasebenzi esikhwameni sempesheni.

“Kwesinye isikhathi abasebenzi banezinkinga noSARS, bese bebanjelwa imali yabo. Abanye umqashi usuke engayihambisanga imininingwane ephelele okwenza bangasheshi ukuthola imali yabo.”

Uthe umphakathi kumele wazi ukuthi iGovernment Employee Pension Ombud (GEPO), aykhokhisi mali ngokusiza labo abanenkinga.

Uveze ukuthi iGEPO, isathole izikhalazo ezimbalwa ikakhulu zabantu ababesebenzela ohulumeni bozimele geqe, njengaseCiskei naseBophuthatswana.

“Kumele kulungiswe eyababesebenza ngaphansi kwalabo hulumeni ngoba uthola ukuthi izingane zabo zidonsa kanzima ngoba zingakwazi ukuthola impesheni yabazali.”

Ubalule ukuthi iGovernment Pension Administration Agency (GPAA), iveze ukuthi nonyaka sebengu-2 637 abasebenzi asebeshiyile kuhulumeni ngezizathu ezithinta ukungaziphathi kahle.

Uzwakalise nokukhathazeka ngabasebenzi abasulayo bese bephinde bebuya ngemva kokuququda imali yempesheni.

Lolu hlelo olubizwa ngokushaya isidudla, beludume kakhulu kothisha okuyibo abebethatha izimali zabo bese bephinde bebuyela ekufundiseni.