ULUYANDA Zulu uthi ukhathele ukuba nomphambili ngoba awunamsebenzi walutho kuye Isithombe: SITHUNYELWE
IBHUNGU laKwaNongoma, uLuyanda Zulu, lishaya indesheni kunoma wubani ongalixhasa ngemali ukuze liyoguqula isitho salo sangasese esibhedlela.
ULuyanda (20), waKwaZibusele uthe udinga ukususa umphambili ukuze afakelwe inanazi ngoba usekhathele ukwenza ucansi olungahambisani nobulili bakhe. Uthe naye usejahe kabi ukujabulela ucansi njengowesifszane.
"Akungisizi ngalutho mina ukuba nesitho sangasese somuntu wesilisa ekubeni ngiwumuntu wesifazane ngokudalwa. Ngibone kungcono ngishintshe ukuze ngizoba wumuntu wesifazane ngokupheleleyo, okuyiphupho lami lemihla ngemihla."
ULuyanda uthe waqala ukuzizwa ukuthi ungumuntu wesifazane eseneninyaka eyisithupha.
"Ngiqale ngisemncane kakhulu ukungaziqondi ukuthi kwenzekani ngomzimba wami. Ngize ngaqala kahle ukuqonda ukuthi ngiyintombazane esemzimbeni womuntu wesilisa sengenza uGrade 10 eNqabayembube High."
Uthe umndeni wakhe nomphakathi uyasemukela isimo sakhe futhi akakaze wahlukumezeka ngenxa yobulili bakhe.
"Ngidinga uxhaso lwemali ukuze ngiye esibhedlela ngiyohlinzwa."
ULuyanda uthe uqale ukuqoma abanye abantu besilisa eseneminyaka ewu-16 futhi useke walala namadoda ayisithupha.
Uthe nakuba engajoli namuntu kulezi zinsuku kodwa uselwenze kaningi ucansi kodwa akaluthokozeli, ufuna inkomo.
Esephetha uthe noma ngubani onemali yokumsiza afezekise iphupho lakhe angaxhumana naleli phephandaba ukuze limxhumanise naye. Uthe uyazi ukuthi kumba eqolo ukwenza lokhu kodwa ucela onosizo amsize.
Related Topics: