Izindaba

UNkosi usukumela eyezindlu namabhilidi aseyimihhume yabaphangi

Mhlengi Shangase|Published

Isithombe sebhilidi eliseThekwini isithombe: SANDILE NDLOVU

UTHEMBISA ukuthi bamatasa babheka amabhilidi kahulumeni ashaqwe abokufika kanjalo nemigulukudu KwaZulu-Natal ukuze ahlale abantu abafanele.

Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu nemiSebenzi yoMphakathi uMnuz Sipho “KK” Nkosi, ephendula ilungu lesiShayamthetho uNksz Mbali Shinga weNFP, okhale ngamabhilidi nezindlu osekuphenduke imihhume yabaphangi ngenxa yokuthi akuhlali muntu kuwona.

Ukhale ngokuthi ezinye zezindlu eMzumbe, okwakumele kuhlale kuzona abasebenzi bakahulumeni, azihlali muntu kuze kube yimanje.

“Njengoba kukhula isibalo sabantu kudingeka kwandiswe izindlu esifundazweni. Amanye amabhilidi asephenduke imihhume yabaphangi okugcwelezelwa kuyona abantu yingakho kumele kwenziwe okuthile,” kusho uNksz Shinga.

UNkosi uqinisekise ukuthi bazoqala ngamabhilidi amabili aseThekwini asebewabonile ukuthi athathwe abokufika nemigulukudu.

“Sizoqala kulawa mabhilidi amabili aseThekwini bese sidlulela kwamanye esifundazweni sonke. La mabhilidi akuyona yonke indawo,” kusho uNkosi.

Uthe bahlangane nophiko lomakadebona i-Military Veterans esifundazweni, olukhale ngenkinga efanayo esifundazweni, lwacela ukuthi basebenzisane.

“Sizosebenzisana nezinhlaka ezehlukene kulolu daba ukuze silungise le nkinga. Sifuna ukubeka phambili abesifazane kanjalo nentsha kulolu hlelo.”

Uthe bazogxila nasemabhilidini okungakahlali kuwona abokufika kanjalo nemigulukudu ukuze lezi zinhlaka zingagcini sezihlala kuwona.

“Ngaleyo ndlela kuzoba lula ukuthi inkinga sisheshe siyinqande ngaphambi kokuba yenzeke. Sifuna ukuqinisekisa umphakathi ukuthi le nkinga siyayisukumela,” kusho uNkosi.

Usho lokhu nje ngeledlule uhambele izindlu eziseMelmoth, ezinye zazo esezihlala abantu kanti ezinye azikahlali muntu.

Kulezi zindlu ezingakahlali muntu kwebiwa impahla nezinye izinto kuzona.