Izindaba

Uphenyo ngembangela yokushona kowe-ANC osolwa ngokugwazisa

Sabelo Nsele|Published

Uphenyo ngembangela yokushona kowe-ANC osolwa ngokugwazisa Isithombe: GCIS.

AMAPHOYISA aseqale uphenyo ngembangela yokushona kwelungu le-ANC, uNkk Tina Joemat-Pettersson, oshone isigubhukane emva kokuvela kwezinsolo zokuthi wazama ukugwazisa uMvikeli woMphakathi osamisiwe, u-Advocate Busisiwe Mkhwebane.

Uphenyo lwamaphoyisa luqale emva kokuthi ukuhlolwa kwesidumbu sikaNkk Joemat-Pettersson kuveze ukuthi akazifelanga.

Lolu hlobo lophenyo luyaye lwenziwe uma kunezinsolo zokuthi umufi ubulewe.

UNkk Joemat-Pettersson washona kungazange kubikwe ukuthi uyagula futhi nembangela yokushona kwakhe ayizange idalulwe.

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrigadier Athlenda Mathe, uthe imbangela yokushona kukaNkk Joemat-Pettersson isizokuba ingxenye yophenyo lwamaphoyisa.

“Amaphoyisa ayakuqinisekisa ukuthi uNkk Joemat-Pettersson akazange azifele futhi kuzoqalwa uphenyo ngembangela yokufa kwakhe.”

UBrigadier Mathe uthe sebelindele uMnyango wezeMpilo ukuthi ubatshele imbangela yokushona kwaleli lungu le-ANC.

“Umbiko wokushona usuphothuliwe. Imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu sikaNkk Joemat-Pettersson izonikezwa kuphela umndeni, angeke idalulwe emphakathini.”

UNkk Joemat-Pettersson ushone elandelwa yifu elimnyama emva kokuthi umyeni ka-Advocate Mkhwebane, uMnuz David Skosana, emvulele icala.

USkosana wasola uNkk Joemat-Pettersson ngokuzama ukumgwazisa ukuze u-Advocate Mkhwebane ezokhishwa phambili yikomiti lasePhalamende elimphenyayo.

Ngokusho kukaSkosana, uNkk Joemat-Pettersson wamfuna uR600 000 wathi uzowucaza nosotswebhu omkhulu ePhalamende, uNkk Pemmy Majodina, kanye nosihlalo wekomiti, uMnuz Qubudile Dyantyi.

Enkonzweni yesikhumbuzo ebingesonto eledlule, i-ANC yamvikela uNkk Joemat-Pettersson kulezi zinsolo.

USihlalo we-ANC esifundazweni iNorthern Cape, uMnuz Zamani Saul, wathi lezi zinsolo ezibekwa uNkk Joemat-Pettersson ziyimizamo yokungcolisa igama lakhe.

Lezi zinsolo seziphazamise ukusebenza kwekomiti eliphenya u-Advocate Mkhwebane.

Amalungu ekomiti ahlukene phakathi ngalolu daba njengoba amanye ekholelwa ekutheni uDyantyi kufanele ashenxe kwesokuba ngusihlalo waleli komiti njengoba yena noNkk Majodina bephenywa yikomiti lezobuqotho ePhalamende.

Amaqembu afana ne-EFF, uDM ne-ATM athi uDyantyi kufanele ashenxe kuze kube kuphothulwa uphenyo ngaye.

Yize kunalemvunge, ukusebenza kwekomiti kuyaqhubeka njengoba lisanda kuthumelela u-Advocate Mkhwebane imibuzo ebhaliwe.