Izindaba

Kushaqwe izidakamizwa zezigidi echwebeni

Zimbili Vilakazi|Published

AMAPHOYISA ashaqe izidakamizwa zika-R12.8 million echwebeni lase-Eastern Cape Isithombe: SIGCINIWE

ZINGABIZA u-R12.8 million izidakamizwa zohlobo lwe-cocaine ezishaqwe amaphoyisa aqapha imingcele echwebeni laseNgqura e-Eastern Cape.

Lokhu kuvezwe namhlanje, okhulumela amaphoyisa ezingeni likazwelonke, uBrigadier Athlenda Mathe.

UBrig Mathe uthe amaphoyisa azithele phezu kwalezi zidakamizwa zipakishwe ngesinono maqede zathukuswa kwi-khonteyna.

IZIDAKAMIZWA ezishaqwe amaphoyisa echwebeni elise-Eastern Cape Isithombe: SITHUNYELWE

“Ikhonteyna bekulindeleke ukuthi ithuthe izithelo izisusa kuleli iziyisa e-United Arab Emirates (UAE),” kusho uBrig Mathe.

Uqhube wathi uphenyo lwamaphoyisa oluzoveza ukuthi izidakamizwa bezisuka kuphi neNingizimu Afrika futhi ziya kuphi luyaqhubeka.

Encoma ukusebenza ngokuzikhandla kwamaphoyisa ophiko lwe-Operation Shanela, uBrig Mathe uthe amaphoyisa asazoqhubeka nokukhuculula izidakamizwa ezitaladini zakuleli.

“Amaphoyisa asazoqhubeka nokukhuculula inqwaba yezidakamizwa kuleli. Kusukela uqalile lo mkhankaso we-Operation Shanela ngoMeyi 8 nonyaka, sebengu-1 686 abasolwa asebeboshiwe ngamacala okuhweba ngezidakamizwa,” kusho uBrig Mathe.