Izindaba

Izitaladi zeTheku zibe mhlophe kudlula AmaNazaretha

Sizwe Blose|Published

UNdunankulu wesifundazwe iKwaZulu-Natal ehamba noNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho uSiboniso Duma ngesikhathi bephelezele amaNazaretha emthandazweni obizwe umholi wawo uNyazilwezulu enkundleni iMoses Mabhida eThekwini. Isithombe: SITHUNYELWE

KUME yonke into ezitaladini zeTheku ngesikhathi kutheleka amaNazaretha ahambele umthandazo obizwe wumholi wawo ongasohlangothini lwaseBuhleni, uMduduzi Shembe.

Umthandazo oba khona minyaka yonke uhanjelwe nangosopolitiki, osomabhizinisi nezikhulu zikahulumeni.

AmaNazaretha abedlubhe izivatho ezimhlophe, ahlangane kuWarwick, ehla ngoPixley Ka Seme owaziwa ngoWest Street aqhubekela eWorkshop, angena ngoStalwart Simelane oze wawakhiphela eMoses Mabhida nokuyilapho abebuthene khona.

Umholi wawo uShembe ngesikhathi kusalindwe inkulumo yakhe, ubehlezi nosihlalo we-ANC uSboniso Duma obehambisana noNdunankulu uNkk Nomusa Dube-Ncube. Inkulumo yosuku kulindeleke ukuthi yethulwe uyena umholi wamaNazaretha.

Kubukeka sengathi izivatho ezimhlophe zamaNazaretha zizophinde zihambe phambili ezinkundleni zokuxhumana njengoba kwenzekile ngonyaka odlule.

Ukugcwala kosopolitiki kunike isithombe sokuthi, ngempela ukhetho luyasondela, nabo sebeqalile ukuhambela imicimbi emikhulu.

UNdunankulu wesifundazwe iKwaZulu-Natal ehamba noNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho uSiboniso Duma ngesikhathi bephelezele amaNazaretha emthandazweni obizwe umholi wawo uNyazilwezulu enkundleni iMoses Mabhida eThekwini. Isithombe: SITHUNYELWE
UNdunankulu wesifundazwe iKwaZulu-Natal nomholi wamaNazaretha ohlangothini lwaseBuhleni uMnuz Mdududuzi uNyazilwezulu Shembe ngesikhathi amaNazaretha enomkhuleko enkundleni iMoses Mabhida. Isithombe: SITHAUNYELWE.
Izinkumbi zabalandeli boNyazilwezulu ziphikelele enkundleni iMoses Mabhida. Isithombe: SITHUNYELWE