KUZOBE kugcwele phama enkantolo yeMantshi eBloemfontein namuhla njengoba babuyela enkantolo abasolwa abayisishiyagalombili kwelokweqa kukaThabo Bester. Isithombe: Timothy Bernard African News Agency (ANA)
KUZOBE kugcwele phama enkantolo yeMantshi eBloemfontein namuhla njengoba babuyela enkantolo abasolwa abayisishiyagalombili kwelokweqa kukaThabo Bester.
Kuthiwa uNandipha Magudumana noThabo Bester bona bazovela kule nkantolo ngobuchwepheshe besimanje kanti abasolwa abayisikhombisa bazofika enkantolo.
UNandipha uyaqala ukubuyela enkantolo ejoyina abanye abasolwa ngemuva kokufaka isikhalazo enkantolo enkulu ngendlela aboshwa ngayo nathi yayingekho emthethweni.
Inkantolo yasichitha isikhalazo sakhe nezindleko zokulalelwa kwaso. Kwakulindelekek ukuthi lo dokotela uzosidlulisa isinqumo senkantolo kodwa kwangenzeka kanjalo.
Njengamanje, babili abasolwa abathola ibheyili kuleli cala elibonisa itulo elakhiwa lahlanganisa abantu abaningi abanye basebenza ngaphakathi ejele laseMangaung, ukuze kweqe uThabo Bester.
Uyise kaNandipha Magudumana uMnuz Zolile Sekeleni (65) nguyena msolwa wokuqala ukuthola ibheyili kaR10 000 ngenyanga ka-Ephreli. Omunye umsolwa owathola ibheyili nguNksz Anastassia Jansen naye othole ibheyili kaR10 000.
Abanye abasolwa okunguMnuz Senohe Matsoara, Teboho Lipholo, Motenyani Masukela, Tieho Makhotsa bona basagqunywe esitokisini njengoba zanqatshwa izicelo zabo zebheyili.
Ngesonto eledlule kwaboshwa uXanda Moyo odabuka kwelaseZimbabwe ngokubamba iqhaza ekweqeni kukaThabo Bester.
Kuthiwa lo msolwa nguyena owalanda isidumbu esaziwa njengesikaKatlego Bereng, emakhazeni ethi singesomfowabo, kanti umdibimunye nalaba abasiza uBester eqe ejele.
Related Topics: