KUSUKA kwesobunxele ikhansela lakuward-6, uMnuz Smiso Simela, ikhansela laku-ward 3, uMnuz Lindokuhle Sikhakhane, iMeya yoMkhandlu waseNquthu, uMnuz Lindokuhle Shabalala, ujokhi odle umhlanganiso, uSbu Nene noMnuz Sakhile Masimula ongumsebenzi kaMasipala Isithombe: SITHUNYELWE
ABANTU abasha bakhumbule isibhicongo sango-1976, sokubulawa kwabafundi baseSoweto, ngokuhambela umtelebhelo wamahhashi ngempelasonto, iNquthu Rural Horse Riding eMkhonjane, eNquthu.
Kulo mqhudelwano womjaho wamahhashi asemakhaya, aqanjwe ngosaziwayo okubalwa iNdidane noBabes Wodumo, bekubangwa isiteki sikaR100 000.
Wumjaho waminyaka wonke kanti uqale ngo-2021 emuva kokuvulwa kwezwe, elalivalelwe ukunqanda ukubhebhetheka kweCovid-19.
Lo mjaho ubugabe ngabantu abasha futhi yibona abebengabagibeli bamahhashi kanti abaningi bebengaphansi kweminyaka ewu-21 ubudala.
Umhlanganiso udliwe yihhashi, Izinyosi ZakwaSikhakhane, ebeligitshelwe nguSbu Nene (20), oneminyaka emithathu engenela umjaho wamahhashi.
UNene, nehhashi Izinyosi zakwaSkhakhane, bakhale bemuka nesamba sik-R20 000 esigabeni esikhulu, ngoba umtelebhelo ubuhlukaniswe ngezigaba ezinhlanu.
"Ukuzimisela nehhashi lami siziqeqesha kanzima yikho okungisizile ukuba ngikwazi ukunqoba umqhudelwano," kusho uNene ngamafuphi.
IMeya yaseNquthu, uMnuz Lindokuhle Shabalala, ithe umjaho uyakhula futhi nesasasa ebantwini abasha libonakala lenyukea selokhu waqalwa.
UShabalala uhlabe ikhwelo kuhulumeni wesifundazwe lokuba ungenelele ekuthuthukisweni kwamijaho yalolu hlobo emakhaya. Wathi kumele kubhekelelwe nohlobo lwamahhashi agijima kakhulu ngokuthi azalane ande.
"Lapha nje eNquthu, sinehhashi eligijima kakhulu neliyinjinga emiqhudelwaneni ehlukene yesifundazwe emikhulu okuthiwa, iNdidane. Siyafisa ukuba leli hhashi uhulumeni wesifundazwe abenohlelo lokwandisa inzalo yalo ngokukhethekile ukuze noma selidlula emhlabeni lishiye isizukulwane eziwuhlobo lwaso ngokugijima," kusho uShabalala.
Ukusho lokhu nje, ososeshini bamahhashi sebeke bakhala ngokuthi uhulumeni ukhipha izigidi elanda amahhashi anejubane phesheya kwezilwandle, esikhundleni sokwenza uhlelo lokuba lawa akhona anejubane azaliswe ukuze kwande uhlobo lwawo.
INquthu Rural Horse Riding, yiyo ezokwandulela umjaho wangoJulayi, ongundabuzekwayo okuyiDurban July eseThekwini, nokuyobe sekulandela iDundee July.
Related Topics: