Izindaba

ULesufi useqhamuke namanye amathuba emisebenzi

Nonkululeko Nhlapo|Published

UTHATHWA njengeqhawe elilwa nobubha undunankulu waseGauteng uMnuz Panyaza Lesufi oseqhamuke namanye amathuba emisebenzi. isithombe: Motshwari Mofokeng

IZAKHAMUZI zakuleli zincome kakhulu imizamo kandunankulu waseGauteng yokuqasha abantu abaningi kulesiya sifundazwe.

UPanyaza Lesufi uthathwa njengeqhawe elizama ngawo wonke amandla alo ukubuyisa isithunzi kubantu baseGauteng abangasebenzii nabaxakwe wububha.

NgoLwesihlanu, kwakuwusuku lwentsha, futhi kwakuwukusuku lapho kwavulwa khona ukubhalisela izinkulungwane zemisebenzi eyayikhangiswe eminyangweni eyahlukene kwaNdongaziyaduma.

Akagcina ngokukhangisa imisebenzi kuphela, kodwa kunezikhungo ezahlukene okubalwa kuzo nemitapo yolwazi lapho abantu abafisa ukubhalisela imisebenzi bengaya kuzo bathole usizo lwe-internet ukuze basebenzise ubuchwepheshe besimanje.

UNksz Lebeko Maenetja osebenzela umnyango wezobuciko, amasiko nezokuvakasha eGauteng uthe basebenze kwaze kwahlwa ngoLwesihlanu belekelela amakhulu abantu abafika eNasrec.

“Sisebenze ngokuzikhandla ukuzisa izinkumbi zabantu abafike eNasrec bezobhalisela imisebenzi ekhangisiwe. Lokhu kusenze sazizwa singabantu abaletha usizo kwabanye ngoba yize sisebenza kodwa siyabazi ubunzima bokufuna umsebenzi,” kusho uLebeko.

Namhlanje, lo ndunankulu ufake isikhangiso enkundleni iTwitter esibonisa ukuthi kufuneka othisha bezinkulisa abangu-2800.

Lesi sikhangiso sibonisa ukuthi abantu abafaka izicelo zomsebenzi kumele babe neminyaka engaphansi kwengu-35, aludingeki ulwazi lomsebenzi kodwa kumele kube ngabantu abafunda ezikoleni zaseGauteng.