Izindaba

Izithombe zemicimbi

Zimbili Vilakazi|Published

BEZIDLANA imilala ngengqephu izicukuthwane emcimbini wokwethulwa kwezinhlelo zenhlangano engenzi nzuzo, UZulu Arts & Heritage. Kwesobunxele; umsunguli wayo uNkk Nomthetho Sibisi, alandelwe uNkk Thandi Mdluli noDkt Pinky ‘MaMkhize’ Dlamini

KUBA mnandi uma kuhlangene imindeni, izihlobo nabangani kudliwa izibiliboco, kugeleza neziphuzo. Sikuphathele imicimbi ehlukene exoxwa ngezithombe. Uma ufisa ukuthi izithombe zomcimbi wakho zishicilelwe kuleli khasi, zithumele nge-email ethi: [email protected]

BEKUWUSUKU olukhulu kushada uMnuz Mduduzi Msomi noNksz Busisiwe Cele baseSt Faiths KwaPhungashe, eNtabeni eNkulu

BEKUKUHLE kudelile uNksz Zandile Mhlongo ebopha ifindo likasofa-silahlane noMnuz Sakhe eMatiwane, eNtubeni
ABEBEBOPHA ifindo likasofa-silahlane uNksz Zandile Mhlongo noMnuz Sakhe bephahlwe abakhaphi babo. Umshado ubuseMatiwane, eNtubeni
PHEZU kwazo zonke izinto ezenzekayo uNkulunkuku emuhle usasigcinile. Abanye besiqala ukubonana nabo, abanye abangani esasifunda usontosikole nabo, besihlangene eFlorida Park Hotel, kusuka ngoMeyi 26 kuya ku-28, sibungaza ukugcinwa wuMdali. Sibe nesidlo esikhethekile eNext Chapter khona kuFlorida
PHEZU kwazo zonke izinto ezenzekayo uNkulunkuku emuhle usasigcinile. Abanye besiqala ukubonana nabo, abanye abangani esasifunda usontosikole nabo, sibungaza ukugcinwa uMdali
BEKUYINJABULO yodwa uMnuz Vukile Mgenge waseMachobeni, ebopha ifindo likasofa-silahlane noNksz Thembeka Ncanana waseMlaza, umshado wabo ubuseManzimtoti Civic Centre
BEBEBAHLE kanje ngesikhathi umculi wodumo lwengoma ethi Uzube Nami, uNatasha K, enzelwe ngabalandeli bakhe iBirthday Party eJapanese Gardens, eThekwini. Omhalaliselayo unina, u-Amanda Khoza
IMEYA ilethele izingane izinsiza eSopholile Creche. Kwabamile uthisa uMaCele Hadebe, kube iMeya yaseNDZ, uMaJobe Msomi, kube usihlalo uMaZondo Dlamini neKhansela likaWard 9, uBanlo Khathi
BEKUQHILIKA izihlathi yinjabulo izelamani zigubha usuku lukanina lokuzalwa uNksz Lindiwe Zuma eMayekeni, eMtshezi. Kuphinde kwagujwa usuku lokuthweswa kweziqu zikaNksz Thobile Magubane osekwe ngodadewabo, uNksz Hloseni Magubane noDkt Thandeka Magubane
KUBE usuku olukhulu esigodlweni saKwaMalencane, eDundee, uMakhosi Vumo Ngubane engqwambisa ithwasa uNksz Philisiwe Ntuli waseNkandla, ngeledlule Izithombe: ZITHNYELWE