Izindaba

Kugxilwe kwezolimo kugujwa uJuni 16

Bongiwe Zuma|Published

IMEYA yomasipala Umuziwabantu uMnuz Sboniso Zungu netsha ematasa nezolimo Isithombe: SITHUNYELWE

BEKUWUSUKU olukhulu iNingizimu Afrika igubha usuku lwentsha lapho kusuke kukhunjulwa khona namaqhawe ashona ngo-1976. Iningi lentsha lafa ngesikhathi sodlame kuleli eminyakeni eminingi eyedlule kanti ngo-Juni 16 kwagobhoza igazi ngisho ezikoleni kudutshulwa abafundi ababengahambisani nokufunda ngempoqo ngolimi lwesiBhunu ezikoleni zabamnyama.

UHector Peterson owayengumfundi omncane kunabo bonke, wasala enkundleni nokuhlala kuvusa isilonda kwabaningi. Izolo izakhamizi zakuleli okubalwa abafundi, othisha, osopolitiki, osaziwayo nabanye bemikhakha eyehlukene. Umasipala waseHarding Umuziwabantu wenze okuhlukile njengoba uvukele emasimini ukhuthaza intsha yakuleya ndawo ukuthi igxile kwezolimo.

Imeya yalo masipala uMnuz Sboniso Zungu iveze ukuthi ukuntuleka kwamathuba omsebenzi kubenze babona kukuhle ukuqhamuka nemisebenzi njengowokulima ebalulekile nezokwazi ukuthuthukisa intsha.

" Indawo yethu inothe kakhulu kwezolimo, sanikelela intsha ngengadi nezinsiza kusebenza namhlanje besiyidlulisela ngokusemthethweni. Kukhona nabenza izifundo zolimo nebesibanikeza izitifiketi," kusho uZungu.

Kuphinde kwaba nomcimbi ohlanganisa amaciko eRecreational Park, kanjalo nenkulumo yosuku eyethulwe uZungu mayelana nomlando wakuleli nokubaluleka kwenkululeko.