Izindaba

‘Ngabe usaphila uJoemat-Pettersson ukuba aningiphenyanga'

Sabelo Nsele|Published

UMVIKELI woMphakathi osamisiwe, u-Advocate Busisiwe Mkhwebane, ukhala ngezinhloso zokuphenywa kwakhe Isithombe: SIGCINIWE

UMVIKELI woMphakathi osamisiwe u-Advocate Busisiwe Mkhwebane, uthi kufanele kugxekwe iPhalamende, izinkantolo noMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa, ngokushona kwelungu le-ANC, uNkk Tina Joemat-Pettersson.

UNkk Joemat-Pettersson ushone ngeledlule elandelwa yifu elimnyama emva kokuthi umyeni ka-Advocate Mkhwebane, uMnuz David Skosana, emvulele icala.

USkosana wasola uNkk Joemat-Pettersson ngokuzama ukumgwazisa ukuze u-Advocate Mkhwebane, ezokhishwa phambili yikomiti lasePhalamende elimphenyayo.

Ngokusho kukaSkosana, uNkk Joemat-Pettersson wamfuna uR600 000 wathi uzowucaza nosotswebhu omkhulu ePhalamende uNkk Pemmy Majodina, kanye nosihlalo wekomiti uMnuz Qubudile Dyantyi.

Ekhuluma nabezindaba izolo, u-Adv Mkhwebane uthe ukuba iPhalamende, uRamaphosa nezinkantolo azizange zimhlanganyele, ngabe uNkk Joemat-Pettersson usaphila.

Akazange achaze ukuthi ukuphenywa kwakhe kuhlangana kanjani nokushona kukaNkk Joemat-Pettersson.

U-Advocate Mkhwebane uthe kwakungafanele ukuthi iPhalamende kwakungafanele livume ukuthi aphenywe ngoba abukho ubufakazi obanele obukhombisa ukuthi uyehluleka ukwenza umsebenzi.

Ugxeke uRamaphosa ngokumumisa emsebenzini, wathi ukumiswa kwakhe kwakungukuziphindiselela ngemva kokuthi eqale uphenyo mayelana nokugqekezwa kwepulazi likaRamaphosa.

Uphawule kanje uMkhwebane, “Inkantolo eNkulu eWestern Cape yakuchitha ukumiswa kwami kodwa uRamaphosa wanquma ukusidlulisela phambili isinqumo.”

Ugxeke inkantolo yoMthethosisekelo ngokungakhiphi ngokushesha isinqumo odabeni lokumiswa kwakhe emsebenzini.

“Leli cala lalalelwa ngoNovemba, kuze kube manje isinqumo asikaze siphume. Isikhathi esiyizinyanga eziyisithupha okwakufanele kube sekukhishwe ngaso isinqumo, saphela ngenyanga eyedlule.”

U-Adv. Mkhwebane uveze ukuthi ufuna kuphenywe amajaji ayelalele icala. Udalule nokuthi ufuna ukuthi kuchithwe ikomiti lasePhalamende elimphenyayo, wathi ngeke avele phambi kwalo engakashenxi usihlalo walo uDyantyi.

“Ukuqhubeka kokuhlala kwekomiti kuwukumoshwa kwemali yomphakathi. Ngicela ukuthi abantu bakuleli bangeseke.”

Izolo u-Advocate Mkhwebane unekele izintatheli izingxoxo eziqoshiwe eziphakathi kukaSkosana, nokusolwa ukuthi nguNkk Joemat-Pettersson.

Engxoxweni eqoshiwe, lona okusolwa ukuthi uNkk Joemat-Pettersson, utshela uSkosana ukuthi uDyantyi, noNkk Majodina badinwa ngoba uRamaphosa engazange abenze ongqongqoshe. Lokhu kwenzeka ngesikhathi umengameli eqoka ongqongqoshe abasha, bathi yize bona babephambili emkhankasweni kaRamaphosa wokuthola ihlandla lesibili lokuhola i-ANC.

U-Advocate Mkhwebane uthe uNkk Joemat-Pettersson waveza ukuthi uNkk Majodina wayenomhobholo, efuna imali eningi. Uqhubekile waneka zingxoxo yize ebexwayiswe yikomiti lobuqotho ePhalamende ukuba angazineki lezinkulumo.

Ikomiti belixwayise ngokuthi ukuneka lezinkulumo kuzophazamisa uphenyo oluqhubekayo.