Izindaba

Kunxenxwa abasemalokishini bajwayele ukuhamba ngezindiza

Phindile Nqumako|Published

KUNEZINHLELO zokuthi kwehliswe intengo yamathikithi ezindiza ngenhloso yokuthi izakhamuzi zasemalokishi zigibele izindiza. UMnuz Nkosinathi Myataza, ongumphathi weKing Shaka International Airport ekhuluma ngesikhathi kunesithangami nabezindaba Isithombe: NQOBILE MBONAMBI

KUGQUGQUZELWA izakhamuzi zasemalokishini ukuthi zingakuxwayi ukugibela izindiza. UMnuz Nkosinathi Myataza ongumphathi weKing Shaka International Airport, uthe bafuna abantu bakujwayele ukusebenzisa izindiza.

Esithangamini nabezindaba eMhlanga, uMyataza uveze ukuthi banezinhlelo ezibhekelele imiphakathi eyakhelene nezikhumulo zezindiza ezizoqala kulo nyaka kuze kube ngu-2025.

“Inkinga iqala emalini yokugibela, sidinga ukuthi sehlise intengo yokugibela izindiza futhi sisebenzisane nezinye izinkampani zokundiza ukuthi zibe ziningi izindiza ezizothutha abantu,” kuchaza uMyataza.

Uthe bazosebenzisana noMasipala weTheku nemboni yamatekisi ukuze uhambo oluya esikhumulweni sezindiza lungabizi kakhulu luze lulingane nemali yethikithi lebhanoyi.

“Senzela ukuthi umuntu osebenza lapha noma ongumgibeli angagibeli amatekisi azabe mathathu noma imoto ekhokhelwa ngebanga elihambile. Ikhona i-ACSA, bakhona abaseThekwini Transport Agency, uMnyango wezokuThutha esifundazweni nosomatekisi. Siye sihlangane sikhulume ngokuthi singenza kanjani ukuthi imizila ingabi nemibango noma udlame. Sifuna ukuthi wonke umuntu akwazi ukuyithola,” kusho yena.

Unezele ngokuthi ukuvikeleka nezinga eliseqophelweni eliphezulu angeke kwehle ngenxa yokuthi intengo yamathikithi yehlile.

Imiphakathi ezozuza ezinhlelweni yileyo eyekhelene nesikhumulo sezindiza saseThekwini, okubalwa owaKwaMashu, Inanda, Verulam noThongathi.

Uveze ukuthi isibalo sabagibeli babo sesiwu-4.3 million sisuka ku-6.1 million ababekuwona ngaphambi kokuqubuka kweCovid-19. Ukuvalwa kwamabhishi nokuntenga komnotho uthe kunomthelela ekwehliseni isibalo sabantu abahamba ngamabhanoyi.