Izindaba

Ababikelwanga abagilwa bakaBester ngokweqa kwakhe : Lamola

Khethukuthula Sangweni|Published

UMDLWENGULI uThabo Bester okuvela ukuthi weqa kodwa abagilwa bangaziswa ngalokho Isithombe : SIGCINIWE

UMDLWENGULI uThabo Bester okuvela ukuthi weqa kodwa abagilwa bangaziswa ngalokho Isithombe : SIGCINIWE

INTATHELI YESOLEZWE

UNGQONGQOSHE wezobuLungiswa uMnuz Ronald Lamola, udalule ukuthi abagilwa bomdlwenguli uThabo Bester, ababikelwanga ngesikhathi kuvela ukuthi weqile ejele. ULamola udalule lokhu ephendula imibuzo ePhalamende. I-DA imbuzile uLamola ukuthi kukhona yini abakwenza ukuqinisekisa ukuphepha kwabagilwa?

“Akekho umgilwa owathintwa njengomgomo uma kukhona isiboshwa esishonile noma eseqile ejele,’’ kusho uLamola. Uthe futhi nabezokuShushisa (NPA) abatshelwanga ngokweqa kukaBester.

UBester weqa ejele eMangaung, wazenza umuntu oshe wangqongqa, kwatholakala ukuthi kwakushiswe isidumbu somunye umuntu. UBester uboshwe eseTanzania, nentombi yakhe uDkt Nandipha Magudumane.

EPhalamende kuphinde kwavuka indaba ye-laptop okuthiwa uBester wayesisebenzisa ejele. ULamola uthe uBester wayithola ngoba eveze ubufakazi bokuthi uyafunda.