I-EFF ixwayise ngokuthi kuzoba mnyama bhuqe ezweni isithombe: Tik tok
UMHOLI we-EFF uMnuz Julius Malema, usexwayise ngokuthi lukhulu luyeza kuleli emasontweni azayo njengoba kuzoba mnyama bhuqe ezweni, ngenxa yokucinywa kukagesi.
UMalema uthe kumele uhulumeni uzehlise ulande abantu abafana nowayengumphathi e-Eskom uMnuz Brian Molefe ukuze azolungisa isimo.
“Kuzoba nzima kuleli njengoba kuzoba mnyama bhuqe ngenxa kagesi. Akulandwe abantu abanamava abahamba e-Eskom, ukuzolungisa isimo ngoba sibi kakhulu. Kuzoba nomsindo uma abantu sebeteleka bekhala ngenkinga kagesi. Uma kuba mnyama amanzi azophela, abantu kuyodingeka basheshe bangcwabe ngoba ama-frijie ngeke akwazi ukugcina izidumbu.”
Uthe ngesikhathi bemashela inkinga kagesi bagxekwa ngapha nangapha.
“Akukho okunye ngaphandle kokuthi uMengameli Cyril Ramaphosa akasule ngoba uhlulekile. Akanazo izinhloso zokuxazulula inkinga kagesi ebhekene nezwe.”
UMalema uthe asisekho isikhathi sokuthi kwenziwe inzuzo ngenkinga kagesi wathi isimo siyaphuthuma manje.
UMalema uveze ukuthi lizogawula izembe kumalungu abo ePhalamende, eziShayamthetho kanjalo nakomasipala ahuqa ubuthongo angawenzi umsebenzi wawo.
“Yinto esiyibhunge kakhulu emhlanganweni ngempelasonto ukuthi kumele sibashintshe abavilaphayo. Asikwazi ukuthi singaba nabantu abangasebenzi, abazohuqa ubuthongo nje yingakho izembe lizogawula. Sifuna abantu abasebenzayo.”
Uthe bafuna kusungulwe ikomiti lasePhalamende elizolusa umsebenzi owenziwa nguMengameli.
Ukhale ngokuthi okwamanje alikho ihhovisi elenza lo msebenzi ngakho kudingeka libekhona.
“Akumele kuze kuyiwe kwamanye amazwe kuyofundwa khona ukuthi ubhekwa kanjani umsebenzi owenziwa ngumengameli wakhona. Yinto esingayenza nje ukuthi sibumbe leli komiti sibheke ukusebenza kukamengameli.”
Unxuse abantu ukuthi baqhubeke nokuxhasa nokweseka leli qembu njengoba lizobe ligubha iminyaka eyishumi, lasungulwa enkundleni yemidlalo iFNB, eGoli ngoJulayi 29.
Uthe bekumele likhonjwe indlela inxusa lase-USA kuleli, uMnuz Reuben Brigety, ogcine esexolisa ngokuthi iRussia yathola izikhali kuleli.
Related Topics: