Izindaba

UKenny Kunene uqalile ukukhuculula idolobha iGoli

Nonkululeko Nhlapo|Published

UKenny Kunene uqalile ukhuchulula idolobha iGoli

IGEJA phansi kuKenny Kunene obambe isikhundla sobumeya eGoli izinsuku ezimbalwa njengoba uMnuz Kabelo Gwamanda eseKapa ngokomsebenzi.

UKenny ubonge ithuba alinikezwe nguGwamanda lokumethemba kulesi sihlalo esikhulu kangaka, uthe okumkhuthazayo wukuthi basebenzisana kahle kakhulu noGwamanda namanye amakhansela kamasipala.

UKunene utshele abeNewzroom Afrika ukuthi bavivile nozakwabo kulo masipala njengoba bezophuma bengena bekhipha abantu abahlala emabhilidini aseGoli ngokungemthetho.

UKunene oyibamba leMeya eGoli uthe bazobe behamba nezinye izikhulu zikamasipala nesikhulu esiphezulu enkampanini iJOSHCO njengoba kukhona nelinye lamabhilidi ale nkampani elithathwe ngodli ngabantu abachaze njengezinswelaboya.

“Izolo besiseBerea ngenxa yezikhalo ezivela kubahlali baseCassamia, bekhononda ngabahlala mahhala kule ndawo. Okubuhlungu wukuthi leli kanye namanye amabhilidi akule ndawo kawanakekelekile, abahlali bakhala ngokuthi bona bakhokhela izinsiza zokuhlala, kodwa la mabhilidi adliwe ngodli abeka impilo yabo engcupheni njengoba kunobugebengu, imfucuza ilahlwa khona phakathi,” kusho yena.

UKunene uthe okunye okubuhlungu wukuthi ugesi uxhunywe ngomkokotelo kula mabhilidi.

Uthe inhloso yabo iqondile, wukukhipha abantu kula mabhilidi athathwe ngo dli abantu abangakhokhi.