UMSUNDUZI ubeke eceleni imali ezosetshenziselwa ukulungisa amalambu asemigwaqweni Isithombe: SIGCINIWE
UMASIPALA waseMsunduzi usuqale umkhankaso wokulungisa amalambu asemigwaqweni kulandela ukwanda kwezigameko zobugebengu okunenkolelo yokuthi zibhebhethekiswa ukungakhanyi kwawo nokucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga.
Lo masipala usubeke eceleni imali ezosetshenziselwa ukulungisa amalambu asemigwaqweni kanye nokuthola ugesi oqhamuka kwezinye izindawo okuzokwenza ukuthi ugesi ungapheli noma i-Eskom inohlelo lokuwucisha.
Lokhu kuvezwe yiMeya yaseMsunduzi, uMnuz Mzimkhulu Thebolla, ngesikhathi ethula intuthuko edidiyelwe nosabelomali sonyaka wezimali ozoqala ngoJuni.
Isiteshi samaphoyiosa esiqaphe izindawo ezifana namalokishi, Imbali ne-Edendale, iPlessislaer, singesinye seziteshi ezihamba phambili kuleli ngamacala obugebengu obufana nokubulawa kwabantu.
UThebolla uthe lobu bugebengu benzeka kakhulu ngesikhathi kuhambe ugesi noma lapho amalambu asemigwaqweni engakhanyi khona.
Uthe bafuna ukulungisa wonke amalambu asemigwaqweni, wathi bazolungisa ngisho lawo asezindaweni ezihlinzekwa yi-Eskom ngogesi.
"Ngesonto eledlule kubulawe amalungu omndeni ayishumi akwaMemela nakwaButhelezi. Zikhona nezinye izigameko ezifana nalezi ezenzekile yingakho sithathe isinqumo sokuthi silungise amalambu asemigwaqweni. Lokhu sizokwenza ngisho nasezindaweni okufanele engabe alungiswa yi-Eskom kuzo. Lokhu sikwenza ngoba nakhu sifuna ukuthi kukhanye ezindaweni zethu.
"Sizophinde sifake imali eningi ekutholeni omunye ugesi, singalindi lo wakwa-Eskom. Iqiniso ukuthi kufanele sivume ukuthi i-Eskom ibhekene nezinkinga. Thina sifuna ukuthi noma usahambile ugesi we-Eskom, sikwazi ukuthola omunye."
UThebolla uthe yize izakhamuzi eziningi zakulo masipala sezifakelwe ugesi, basenenselelo yengqalasizinda esindala.
"Ezindaweni lapho kuyithi esihlinzeka ngogesi, siyaziqhenya ukusho ukuthi u-97% wabantu uyawuthola ugesi. Ikhona ke inselelo yengqalasizinda eholela ekutheni ugesi uhambe uma kunezikhukhula noma nesichotho. Ezindaweni ezihlinzekwa yi-Eskom ngogesi, u-96% wabantu uyawuthola ugesi."
KuMasipala waseMsunduzi kuphinde kube nezindawo eziningi esezihlale isikhathi eside zingenawo ugesi ngenxa yomdonsiswano phakathi kwezakhamuzi ne-Eskom oqubuka emva kokusha kwamatransformer.
I-Eskom isinomthetho othi ngaphambi kokuthi ilungise itransformer, iyaye ifune ukuqala ngokubheka ukuthi abantu basendaweni bayawukhokhela yini ugesi, nokuyinto izakhamuzi ezingayivumi.
UThebolla unxuse izakhamuzi ukuba zikhokhele ugesi ukuze zigweme le nkinga.
Uthe uR3, 8 million wesabelo sezimali somasipala uzosetshenziselwa ukulungisa ugesi namanzi.
Isabelo sezimali somkhandlu sonyaka wezimali ozoqala singuR8,1 billion.
Related Topics: