UMENGAMELI we-ABC UMnuz Philani Mavundla Isithombe: SIGCINIWE
UBUHOLI be-Abantu Batho Congress (ABC) KwaZulu-Natal buyaphikisana nesinqumo sokuthi amakhansela ale nhlangano engabe esavota ne-IFP komasipala bakulesi sifundazwe.
Laba baholi be-ABC KwaZulu-Natal abanganelisekile, sebethathe isinqumo sokuthi bazobhalela ubuholi be-ABC kuzwelonke, bacele ukuthi kubuyekezwe isinqumo sokuthi i-ABC ingabe isasebenzisana ne-IFP komasipala basesifundazweni.
Lesi sinqumo sithathwe emhlanganweni wabaholi be-ABC KwaZulu-Natal, obusePinetown, ngoMgqibelo.
Lo mhlangano ubuhanjelwe ubuholi besifundazwe nobuholi obuqhamuka ezifundeni ezinhlanu.
Laba baholi bathe bafuna ukuthi ubuholi bezifunda kube yibo obunqumayo ukuthi amakhansela akomasipala bangakubo bazovota naliphi iqembu.
Abebehambele lo mhlangano bakhale ngokuthi abazange bathintwe ngesikhathi kuthathwa isinqumo sokulaxaza i-IFP esamenyezelwa wuMengameli wale nhlangano, uMnuz Philani Mavundla, ngesonto eledlule.
Umholi oqhamuka kwisifunda iTheku igama lakhe elingeke lidalulwe, uthe ukushintshashintsha kwe-ABC amaqembu esebenzisana nawo komasipala kwehlisa isithunzi seqembu.
“Useyihlaya (uMavundla) kwayena, nathi siyihlaya. Sikhathele ilezi zigemegeme zakhe. Sifike sithuke naye i-ANC namhlanje, bese kusasa engabe esasitshela ukuthi yena useyayithanda i-ANC.”
Omunye umholi oqhamuka kwisifunda uThukela uthe bona abaziboni bevota ne-ANC kuMasipala i-Alfred Duma.
Lo mholi uthe ngesikhathi bekhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya lwango-2021, inhloso enkulu kwakungukukhipha i-ANC emandleni, wathi ngabe badayisa ngabavoti uma bengase babuyisele i-ANC emandleni.
“Izinqwembe zethu zokukhankasela ukhetho zazithi sikhathele amasela. Sasisho i-ANC uma sithi sikhathele amasela. Sasekwa ngabantu asebekhathele i-ANC. Angeke bakwamukele ukuthi sibuyisele i-ANC emandleni.”
Emhlanganweni laba baholi baphinde bazwakalisa ukungenami ngokuqokelwa amakhansela okungesiwo awendawo, kushiywe abaholi bendawo.
Bakhale ngokususwa kwekhansela laseMvoti ukuba lizovala isikhala esivuleke ngokushiya kukaMavundla eThekwini, bathi lokhu kungukubukela phansi abaholi abaqhamuka eThekwini.
Bakhale nangokubanjelwa kwamakhansela eqembu u-50% wemiholo yawo, bathi lokhu kwenza ukuthi amakhansela asale engenalutho.
UMavundla uthe umthethosisekelo weqembu umnikeza amandla okuqoka amakhansela nawokuthatha izinqumo ngendlela yokuvota komasipala.
Uthe uma kukhona abangajabule ngomthethosisekelo kufanele balinde ingqungquthela yokukhetha ubuholi lapho bezothola khona ithuba lokuphakamisa ukuthi kuchibiyelwe umthethosisekelo weqembu.
Odabeni lokubanjelwa kwamakhansela u-50% wemiholo, uthe lesi sinqumo sathathwa emhlanganweni okwakukhona kuwo ubuholi be-ABC KwaZulu-Natal, nawo wonke amakhansela.
“Iqiniso ukuthi njenge-ABC sinezikweletu ezadaleka ngesikhathi sibheke okhethweni lwango-2021. Saya kulolu khetho singenabo abaxhasi, ngaphandle kwami. Yebo mina akufanele ngikhokhelwe kodwa izinkampani esizikweletayo zona kufanele zikhokhelwe. Mhlawumbe lesi sinqumo singabuyekezwa uma sesikhokhe zonke izikweletu zethu.”
UNobhala Jikelele we-ABC, uNksz Phumelele Phahla, uthe bazolinda ukuthola izinqumo ezithathwe emhlanganweni wangoMgqibelo ngaphambi kokuthi baphawule.
Uthe bathole ukuthi abanye babantu abebesemhlanganweni wangoMgqibelo, bebeqala ukuba semhlanganweni wobuholi beqembu.
Ukuvikele ukuthathwa kwekhansela laseMvoti lilethwe eThekwini.
“Phela lona lashintshana noMavundla oseseMvoti. Sasingeke sikwazi ukuxosha ikhansela uma uMavundla eseya eMvoti, ingakho ikhansela lakhona saliletha eThekwini.”