Izindaba

Ubanjwe eshada isinyelela kwiFacebook ubaba wekhaya

Nkosikhona Cele|Published

UMNUZ Donald Radebe, kuthiwa ubanjwe eshada nowesifazane isinyelela

UDIDEKILE unkosikazi ebona owesilisa waseMpangeni, ophume eya emsebenzini ngoLwesithathu kodwa wabonakala kwiFacebook, eshada nowesifazane abangamazi.

UMnuz Donald Radebe, kuthiwa ushiye umkakhe endlini uNkk Nomusa Radebe, wahamba wayoshada isinyelela nowesifazane. Isolezwe ngoMgqibelo ligcine lingalitholanga igama lakhe.

Kuthiwa ushade nowesifazane asebenza naye enkampanini enkulu eRichards Bay.

Ilungu lomndeni lakwaRadebe elikhulume neSolezwe ngoMgqibelo lithe bazithele phezu kwamavidiyo ekhombisa umshado bukhoma, kwavele kwaduma amakhanda.

“Umama ukhungathekile futhi ungathi nasemqondweni ziyamshiya ngenxa yalesi senzo sikababa. Sonke sididekile ngoba uhambe eya emsebenzini njengenjwayelo ezobuya ntambama,” kusho umthombo.

Uthe bayazibuza ukuthi kuzokwenzekani ngoba lo baba ubengakaze ayiphathe eyokuthi uyolobola omunye unkosikazi. Kuthiwa akwaziwa ukuthi ngobani abebesemshadweni ngoba nasemsebenzini babone kwiFacebook ukuthi ozakwabo bayashada.

Ngesikhathi ethintwa uRadebe ubhoke ngolaka, wabuza intatheli ukuthi ingena kuphi ezindabeni zakwaRadebe, ekubeni ingeyakwaCele.

“Lento oyibuzayo ngicela ukubuza ukuthi wena ungenaphi kuyona. Wena ungowakwaCele, mina ngingowakwaRadebe. Nguwena manje ongumkhulu wami okufanele ngimbikele konke engikwenzayo,’’ ebuza ngokunengeka.

Ugcine evuma ukuthi lokhu kwenzekile kodwa wathi yinto engayidingi intatheli.

“Lento ngizoze ngiyoxoxele wena. Ngampela ungenaphi,’’ usho kanjena.

Unkosikazi kaRadebe olaxaziwe utshele intatheli ukuthi akathandi ukukhuluma ngodaba. Wathi uzophendula imibuzo kuphela uma etshelwa ukuthi udaba lugcine lufinyelela kanjani ezindlebeni zentatheli.

URadebe usabise intatheli ngokuthi uzoyenzakalisa uma ike yaqhubeka nje, yabhala ngodaba.