Izindaba

Unqatshelwe ibheyili kwelikaMeyiwa

Charles Khuzwayo|Published

UMSOLWA uBongani Ntanzi unqatshelwe ibheyili ngoLwesihlanu isithombe:ESIGCINIWE

UNQATSHELWE ibheyili ngoLwesihlanu yiNkantolo eNkulu eTshwane, omunye wabasolwa ngokusoconga uSenzo Meyiwa, owayengunozinti we-Orlando Pirates.

Sichithiwe isicelo sikaBongani Ntanzi yiphini likamengameli wamaJaji, uMnuz Aubrey Ledwaba, lithi umsolwa wehluleke wancama ukuveza izizathu ebizokwenza inkantolo imzwele. ULedwaba uthe uNtanzi bekufanele alethe ubufakazi bomlomo obuqanda ikhanda noma izincwadi ezifungelwe ezithe xaxa ukuqinisa isicelo sakhe sebheyili.

"Akakwazanga ukubalula ukuthi unamalini ebhange futhi akamtholanga ummeli ozomsiza ukuqaqa izimali zakhe. Abukho ubufakazi bokuthi uzobuye aqashwe noma athole omunye umsebenzi uma ekhululwa," kuphetha uLedwaba.

IKHIMISHINI iphakamisa ukuthi limiswe emsebenzini iJaji Tshifhiwa Maumela Isithombe:ESIGCINIWE

UNtanzi waboshwa nabasolwa abahlanu ngezinsolo zokuba neqhaza ekudutshulweni kukaSenzo kubo kwentombi yakhe, uKelly Khumalo, eVosloorus ngo-Okthoba 26, 2014.

Kwenzeka lokhu nje, ikhomishini (Judicial Service Commission) inxuse uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, ukuba amise emsebenzini uJaji Tshifhiwa Maumela (obeyijaji ecaleni likaSenzo) noJaji Nomonde Mngqabisa-Thusi ngenxa yokungaziphathi kahle. UMaumela usolwa ngokwehluleka ukukhipha isinqumo ngoxhaxha lwamacala abewangamele kusukela ngo-2018.