Indodakazi ikhuleliswe yisoka likanina isithombe: Pixabay
KUXABENE ubendle emndenini wakwaMbhele, eBulwer njengoba kuvela ukuthi indodakazi yakhona ikhuleliswe yisoka likanina ongumfelokazi.
Ngokuthola kweSolezwe ngoMgqibelo, uNksz Zandile Mbhele (34) ukhuleliswe yisoka likanina, uMnuz Mzwamandla Chonco (46).
Kuthiwa unina wendodakazi, uNkk Mbhele elingatholakalanga igama lakhe, ubhodla umlilo ngalolu daba. Useze waxosha indodakazi endlini, ekhala ngokuthi imhlinzele ezibini.
ISolezwe ngoMgqibelo likhulume naye uNkk Mbhele obezwakala ekhathazekile kodwa wakuveza ukuthi ngeke yena “afuye" isilwane emzini wakhe.
Uthe isenzo sendodakazi yakhe usifanisa nesobulwane uqobo. Uveze ukuthi bebekade benobudlelwane obuhle kakhulu nendodakazi yakhe yonke le minyaka.
Uthi kodwa baqale ukuklwebhana eminyakeni emibili eyedlule ngesikhathi kudlula emhlabeni umyeni wakhe onguyise wendodakazi, uMnuz Zakhele Mbhele.
Uveze ukuthi indodakazi yekhe iqalile yenza izinto angaziqondi.
“Indodakazi yami yangibuza ngonyaka odlule ukuthi ngimqomeleni omunye umuntu wesilisa kungakapheli ngisho iminyaka emihlanu uyise eshonile,’’ usho kanjena.
Ngokusho kwakhe, uthi wazama ngakho konke okusemandleni ukuchazela indodakazi yakhe ngendlela azizwa ngayo ngesoka lakhe elisha.
Wale waphetha ukuchaza ukuthi uthole kanjani ukuthi indodakazi yakhe enezinyanga ezine izithwele, ikhuleliswe yisoka lakhe.
Akushilo nje ukuthi uyakuvuma ukuthi indodakazi yakhe imudle izithende.
“Anginendaba mina noma ungabhala utshele umhlaba wonke ukuthi indodakazi yami iwumuntu onjani,’’ usho kanjena eseqala ukukhushukelwa umoya.
Uthe indodakazi yakhe useyixoshile ekhaya, wathi uzwile ukuthi ibaleke nalo isoka lakhe.
Uthe kubafanele vele ukuhlala bobabili ngoba bayizinyoni zohlobo olulodwa.
ISolezwe ngoMgqibelo likhulume nendodakazi, yabhoka ngolaka yabuza ukuthi iphephandaba lingena kanjani ezindabeni zalo zocansi nokukhulelwa?
Kuthe intatheli isaqhubeka iyihloma ngemibuzo yavala ucingo.
Intatheli ibuye yakhuluma nalo isoka lavuma ukuthi kukhona okungahambi kahle okwamanje phakathi kwalo nomama nendodakazi.
Lithe “nalo lingumuntu wesilisa”, lathi lehluleka “ukungawudli uswidi" uma linunuselwa ngawo yindodakazi.
Lithe liyazazi ukuthi linecala, lathi kodwa lokho akuchazi ukuthi sekufanele kunamekwe igama lalo ephephandabeni.
Lithe lihlezi nayo indodakazi ngoba kumele liyinakekele ngoba ikhulelwe.
Related Topics: