Izindaba

Izokhethwa ngelizayo imeya yaseGoli

Sabelo Nsele|Published

Mnuz Thapelo Amad usule engakaqedi ngisho izinyanga ezine engenile esikhundleni njengoba angena ngesikhathi kukhishwa uDkt Mpho Phalatse we-DA. Isithombe: Itumeleng English/African News Agency(ANA)

IZOKHETHWA ngesonto elizayo imeya kaMasipala waseJohannesburg kulandela ukusula isigubhukane kobeyimeya yalo masipala oyisizinda somnotho wezwe, uMnuz Thapelo Amad.

U-Amad, oyikhansela le-Aljama-ah, usule ngaphambi komhlangano womkhandlu wayizolo obuzolalela isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe nobukasomlo, uNksz Colleen Makhubele.

Usula nje ubengakaqedi ngisho izinyanga ezine engenile esikhundleni njengoba angena ngesikhathi kukhishwa uDkt Mpho Phalatse we-DA, naye owakhishwa engakahlali isikhathi eside kulesi sikhundla.

NgoLwesibili kuzoba nomhlangano ozokhetha ozongena esikhundleni sika-Amad, kuphinde kulalelwe nesiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNksz Makhubele.

Alikho iqembu elinezihlalo ezanele ukuthi libuse ngokuzimela uMasipala waseJohannesburg.

I-DA ivele isikuvezile ukuthi izophakamisa uDkt Phalatse kwesobumeya.

Kulindeleke ukuthi igama likaDkt Phalatse lesekwe ngamaqembu avota ngokubambisana ne-DA kulo mkhandlu, okukhona kuwo i-ActionSA, IFP namanye.

Ngakolunye uhlangothi umbimbi lwe-ANC, EFF namanye amaqembu amancane lona belungakamemezeli ukuthi luzophakamisa bani.

Umholi we-Aljama-ah, uMnuz Hanief Hendricks, uthe yibona abasahola uhulumeni wokubambisana kuMasipala waseJohannesburg.

“Njengamanje simatasa silungiselela umcimbi ozohanjelwa nguMengameli (uMnuz Cyril Ramaphosa). Lo mcimbi uzohanjelwa ngabantu abangu-500. Kuyishwa ukuthi kube khona isiphithiphithi esenzekayo kodwa bekufanele senzeke ukuze sigcine umbimbi luhlangene.”

U-Amad ushiye emva kokuba ngaphansi kwengcindezi isikhathi eside njengoba ebesolwa ngokwahluleka ukwenza umsebenzi.

Namanye amaqembu avota ne-Aljama-ah abesemfuna ehambile.

Kepha u-Amad uthe uyaziqhenya ngeqhaza alibambile kulo mkhandlu kulesi sikhashana ewuhola.

U-Amad uthe kunezinto ezinhle angazibala ezenzekile kulesi sikhathi esincane ephethe lo mkhandlu.

Usihlalo we-ANC eGauteng, uMnuz Panyaza Lesufi, uthe ukusula kuka-Amad akusho ukuthi konoqhekeko emaqenjini ahola umkhandlu.

Amaqembu aphikisayo akwamukele ukushiya kuka-Amad.

I-DA ne-ActionSA bethu kufanele engabe kade asula u-Amad.

Usihlalo we-DA eGauteng, uMnuz Fred Nel, uthe abantu baseJohannesburg abazange bazithole izidingo ngaphansi kobuholi buka-Amad.

“Kulesi sikhathi nje engenile ufike wamisa ukuphenywa kwezenzo zenkohlakalo obekuqale ngesikhathi kusaphethe thina, kwabuyiselwa emsebenzini abasebenzi abebemiselwe izinsolo zenkohlakalo.”

Ohola i-DA kuMasipala waseJohannesburg, uMnuz Funzi Ngobeni, uthe u-Amad wehluleke wancama ukuqhamuka namaqhinga okubusa ngempumelelo umkhandlu.

UNgobeni uthe namanje basamile ekutheni i-ANC kanye namaqembu evota nawo akufanele baphathe umasipala.